Uphumela obala umdlali oyamaniswa neChiefs

232

PHILANI NCALANE

YiWits ezonquma ngekusasa lakhe

UZIMISELE ngokuzi-nza kwiBidvest Wits uThabang Monare omataniswa neKaizer Chiefs esezinhlelweni zokubuyisa isithunzi.
UMonare usuke ngoLwesihlanu kubo eMpumalanga ebheke eGauteng njengoba iWits ibiqala ukujima ngoMgqibelo. Ubevele eshilo kuleli phephandaba ukuthi akayazi imibiko eqhubeka ngaye. Ukugcizelele ukuthi uzobonakala eMilpark (esizindemi seWits) ngoMgqibelo.
“Kunenkinga yokuthi njalo uma kuvulwe iwindi abezindaba babike okungesilona iqiniso ngokudayiswa kwabadlali.



“Mina sekubhalwe kaningi ngami kuthiwa ngiyashiya kwiWits. Ngize ngabuza imenenja yami ukuthi ziqhamuka kuphi lezi zindaba ngami ekubeni mina ngi-ngakaze ngitshelwe lutho. Imenenja yami igcine isixhumana neWits ngalolu daba.
“Ibuyele kimina yangazisa ukuthi iWits ikugcizelele ukuthi kangiyi ndawo. Inkontileka yami neWits iphela ngokusongwa kwesizini ezokwethwasa.
“Kumqoka ukuba ngiyihloniphe inkontileka yami nomqashi. IWits ingiphethe kahle, ngakho-ke nami kumele ngiyibonge ngokwethe-mbeka kuyona.
“IWits yiyona ezonquma ngami okwamanje ngoba nginenkontileka nayo. Izinto eziningi zizocaca kahle ngoMsombuluko (namuhla) sekuvulwe ihhovisi lekilabhu. Siqale ukujima ngoMgqibelo ihhovisi livaliwe,” kusho uMonare.
Ebuzwa ukuthi uyakulobizela yini ukujoyina enye yamakilabhu amakhulu aseGauteng uMonare, uthe:
“Kangazi ukuthi ikusasa lingiphatheleni. Ngihleli kahle kwiWits.
“Kangijahile ukujoyina enye ikilabhu. Mhlawumbe ngabe ngifuna ukuhamba ukuba kange-neme. Uma kukhona ikilabhu efuna ngizodlala kuyona, ngeke ize kimina, kodwa kumele iqale kwiWits.”
ILANGA lithole ukuthi iWits ibeke u-R9 million ekhanda lalo mdlali okwenza iChiefs ibe madolonzima ukukhokha kwazise idume ngokugodola nemali.