Usazophathwa yikhanda umqeqeshi weChiefs

207
Uzofana nekati elibekelwe ubisi nenyama

SENZO SOKHELA

KUBUKEKA esezophathwa yikhanda elimnandi u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weKai-zer Chiefs emuva kokuba edalule ukuthi imidlalo yeligi izokhuza ibuya sebeluleme ngokwanele cishe bonke abadlali bakhe abanokuthinteka.

UMiddendorp uveze ukuthi iningi labadlali bakhe abebethi-ntekile babukeka sebekulungele ukubuyela ensimini. Empeleni uthi ukuba banomdlalo kule mpelasonto, iningi labo belizo-kube selibuyile. 

Kubadlali abagqamile abebe-ngekho iChiefs ihlula iLamontville Golden Arrows ngo-2-0 ngo-Lwesibili ebusuku eFNB Stadium, eGoli, kodwa uMiddendorp azwakalise ukuthi sekungozi makhaza kubona nguReeve Fro-sler, uGeorge Maluleka, uSamir Nurkovic no-Itumeleng Khune. 

Nokho akambalanga uKhune okungenzeka kuthathe isikhathi ukuba aphinde abonakale.

Abanye abadlali uMiddendorp athe bangase babonakale emuva kwekhefu leFifa nguSiphosakhe Ntiya-Ntiya noKgotso Moleko osekunesikhashana bathinteka.

IziMpofana ezisalokhu zihleli esicongweni se-log, ziqinise le ndawo yazo zinqoba i-Arrows ngamagoli abhajiswe enethini nguDaniel Cardoso kuyiphena-thi, nomkhonto ogwaze ekhaya kaNkosinathi “Bhodlela” Sibisi we-Arrows. 

Kulo mdlalo iChiefs ilinyalelwe nguKearyn Baccus odlala esiswini noYagan Sasmanwent odlala emuva. Nokho uthe yinto engatheni futhi angethukile ngayo.

“Kakuyona into etheni. Empeleni ukuba besidlala ngale mpelasonto abadlali bethu abaningi be-bezoshaya ibuya. 

“UFrosler, uMaluleka, uNtiya-Nyiya noMoleko bebezoba khona. Kusukela ngelizayo wonke umuntu uzoba khona sesiqala silungiselela umdlalo olandelayo,” kusho uMiddendorp.

Ubuye wakhala ngokushayisana okubuye kube khona phakathi kwabagadli bakhe, athe uzokulungisa ngokushesha.

“Umdlalo usalelwe yimizuzu ewu-10 ukuba uphele, kucacile ukuthi kusenokushayisana phakathi kukaKhama Billiat noLazarous Kambole, indlela abanyakaza ngayo, abagebha ngayo iyakucacisa ukuthi kabakazi ukuthi kufanele be-nzeni. 

“Kodwa-ke imidlalo isephansi sizoyilu-ngisa le nto,” kusho uMiddendorp.

USteve “Mphathi” Komphela ololonga i-Arrows, uthi babulawe wukuyeka inqwaba yamathuba kulo mdlalo.