Isexwayiso ngeSoweto Derby eThekwini

90
Kuphazamiseke ukuthengwa kwamathikithi oweligi

SENZO SOKHELA

UMDLALO womkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates we-quarter final yeTelkom Knockout uphazamise umdlalo womkhaya weligi wala makilabhu.

IChiefs izobhekana nePirates kwi-quarter final yeTKO ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. La makilabhu azophinde abhekane kowe-Absa Premiership ngempelasonto elandelayo eFNB Stadium, eSoweto. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, umdlalo weTelkom wala maki-labhu uphazamise ukuthengwa kwamathikithi alona weligi.

Amathikithi omdlalo waseThekwini aphele ngawo uLwesihlanu emahoreni ambalwa kumenyezelwe ukuthi aseqalile ukudayisa. Kuthiwa awalo mdlalo waseGoli sekuvele kwahamba ngonyawo lonwabu ukudayiswa kwawo.

ULux September wezokuxhumana kwiPremier Soccer League, ukuqinisekisile ukuhamba ngonyawo lonwabu kwamathikithi alo mdlalo weligi.

“Ukuqhathwa kweChiefs nePirates kwiTelkom kujike izinto eziningi, waphinde lo mdlalo wayiswa eThekwini lapho elithandwa khona kakhulu ibhola. Isasasa vele likulo mdlalo kodwa-ke sinethemba lokuthi nawalo mdlalo waseGoli azophela,” kusho uSeptember.

Ube esexwayisa abalandeli ngalo mdlalo oseThekwini.

“Engifuna ukukuqinisekisa wukuthi amathikithi omdlalo weTelkom phakathi kweChiefs nePirates asephelile, kawasadayiswa ndawo. 

“Uma kukhona okudayiselayo usephula umthetho. Siyacela kubantu ukuba bangawathengi amathikithi ngoba kukhona abadayisa angombombayi. Kwabangenawo mabahlale emakhaya ngoba lo mdlalo uzobe ukhonjiswa kwithelevishini,” kusho uSeptember.