I-chiefs ne-downs bagwemene

132
EZEMIDLALO

NHLANHLA HUDLA

ITHEKU lingase lihlabane ngemidlalo emibili yama-semi final eTelkom Knockout njengoba iKaizer Chiefs itonyulwe ukudlalela ekhaya uma seyibhekene neMaritzburg United kowalesi sigaba ekubeni neLamontville Golden Arrows idonswe ukudlalela ekhaya uma seyigadulisana ne-Mamelodi Sundowns.

I-Arrows igijimela imidlalo yayo yasekhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, lapho kuli-ndeleke ukuba idlalele khona neSundowns kanti iChiefs inesivumelwano nabeMoses Mabhida Stadium ukuba ilethe imidlalo ethile kule nkundla uma idonswe ekhaya kweyezinkomishi. 

Nokho iwulethile umdlalo ebiqhathwe kuwona ne-Orlando Pirates ewunqobe ngo-4-2 wamaphenathi we-quarter final yalo mqhudelwano. Imidlalo yama-semi final izokuba mhla ka-22/23 kwephezulu.

Amakilabhu aqhathwe emuva kokuba iSundowns iwashise ijezi iChippa United ngo-4-3 wamaphenathi emdlalweni obuphele kuwu-2-2 izolo eNelson Mandela Bay Sta-dium, eBhayi.

Amagoli eChippa abhakuziswe ngu-Augustine Kwem ngomzuzu ka-13 noSilas Maziya ngoka-58. AweDowns womabili ananyatheliswa nguGaston Sirino ngoka-49 okube yiphenathi nangoka-70 emuva kokuba unozinti weChippa, uPatrick Tignyemb ehlulekile ukubamba ibhola, laphunyuka lawela ezinyaweni zalo mdlali.

IChippa iqede umdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uTercious Malepe okha-hlele ibhola ngaphandle unompempe eseyishayile indweba ekubeni ubesevele enekhadi eliphuzi.

Umqeqeshi weSundowns uPitso “Jingles” Mosimane, uncome unondweba kulo mdlalo. 

“Kakukhathalekile ukuthi sinqo-be kanjani kwazise lona bekuwu-mdlalo womkhumulajezi,” esho.  

* Emdlalweni weCaf Confederations Cup obuyizolo kuleli, iTS Galaxy ihlulwe yi-Enyimba yase-Nigeria ngo-2-1. Kube wu-4-1 uma sekuhlanganiswa imilenze emibili.