Uyazincoma owePirates

178
URhulani uthi irekhodi lakhe liselihle kweZimnyama

SENZO SOKHELA

AKAYIZWA eyokuthi ushiswa yisigqiki uRhulani Mokwena ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ewashiswe ijezi yiKaizer Chiefs iyikhipha ngo-4-2 wamaphenathi kwi-quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo nta-mbama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umdlalo ubuphele zibambe-ne ngo-2-2 emuva kwe-extra time. Amagoli eChiefs ashaywe nguLeonardo Castro noDaniel Cardoso obekuyiphenathi, aweBucs wona abhakuziswa nguFortune Makaringe noGabadi-nho Mhango. IBucs iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhi-shwa ngekhadi elibomvu uMthokozisi Dube isiwombe sesibili sisanda kuqala.

UMokwena oneminyaka yobudala ewu-34, kuhlukene imibono ngaye njengoba kunabathi kakumlungele ukuhola le kilabhu, inkulu kakhulu kuna-ye, bathi ukhakhayi lwakhe lusathambile, bese kuzoba khona abathi kumfanele.

Lo mqeqeshi ebuzwa emuva komdlalo ukuthi ngabe kasimshisi yini isihlalo sokulolo-nga iBucs njengoba izinto zingahambi kahle uthe: “Ngokwami kasingishisi isihlalo. Uma ungabheka imidlalo yethu ewu-5 edlule sinqobe emibili, sadlala ngokulingana kabili sahlulwa kanye. Lokho kuchaza ukuthi sibheke phezulu, kasehli. IPirates kayidingi umqeqeshi onesipepe, idinga umuntu ozokhiqiza imiphumela.

“Lo mdlalo ukhombisile ukuthi abadlali bePirates bazinikele futhi bafuna ukungilwela. Nokho kufanele balwele ibheji yale kilabhu nabo bonke aba-ntu abasondelene nayo.”

Uthi bazame ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo kwaphika inhlanhla.

“Ngesiwombe sokuqala si-kwenze konke ebesikuhlelile. Abebekuzama besikuvimba yingakho siye ekhefini sihamba phambili. Iphutha elenziwe nguDaniel Akpeyi ebamba umdlali wethu belizokwenza umehluko kodwa sanganikwa lutho. Kodwa-ke ibhola linjalo,” kubalisa uMokwena.

Nakuba engafunanga ukuphawula kakhulu ngonondweba kodwa uthi bayadinga ukusizwa. Ngokushintshashintsha isikimu, uthe iPirates inaba-dlali abawu-34 umuntu uyasi-lwela isikimu, uma ephakamisa isandla uyamdlalisa.