Kwanda izinkinga ekhempini yeBucs

230

Abalandeli bafuna u-Irvin Khoza abalandele uBenni

SENZO SOKHELA

USIZI luzwa olunye ekhempini ye-Orlando Pirates njengoba ihaqwe yizinkinga zabadlali ngaphambi komdlalo onzima womkhaya.
IBucs izobhekana nezimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs, kowe-Absa Premiership
ngoMgqibelo ngo-15h30, eFNB Stadium, eSoweto.
IBucs iya kulomdlalo nje, ishayane yaze yabukana ngo-0-0 neMaritzburg United kowe-
Absa Premiership ngoLwesibili kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ibe neshwa kulo mdlalo njengoba ukaputeni wayo uHappy Jele ekhishwe ngekhadi elibomvu, okusho ukuthi ngeke abe yingxenye yomdlalo wangoMgqibelo.
NoKwanda Mngonyama weMaritzburg naye ukhishwe ngekhadi elibomvu.
IBucs ilahlekelwa nguJele nje, emdlalweni wayo owedlule, lapho ebibhekene khona neChiefs kiwi-quarter final yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kukhishwe ngekhadi elibomvu uMthokozisi Dube odlala emuva.
Ilahlekelwa yilaba badlali basemuva nje, kuvele abalandeli bayo bayakhala ngokuvuza emuva. URhulani Mokwena ololonga iBucs uziduduze ngokuthi kungcono ngoba kulo mdlalo weChiefs kuzobe kubuya uThembinkosi Lorch obengekho kulo mdlalo weMaritzburg ngenxa yesigwebo samakhadi.
“Khona kunzima ukulahlekelwa ngabadlali bakho abamqoka ikakhulukazi uma uzobhekana nomdlalo onzima njengalona we-Kaizer Chiefs.
“Kodwa-ke sinabadlali abaningi kabi lapha kwi-Pirates, ngikholwa wukuthi asinaso isizathu sokukhononda.
“Kulo mdlalo weMaritzburg siye ngaphandle kukaDube noLorch kodwa sakwazi ukumelana nawo.
“Nakulo mdlalo we-Chiefs likhona isu esiza nalo, uzofika siwuhlelele ngokweqophelo eliphezulu,” kusho uMokwena.
Lo mqeqeshi ubukeka eziqinisa yize kubonakala ukuthi uyasindelwa.
Abalandeli beBucs sebephelelwe yisineke njengoba belibeke ngesihloko elokuthi bafuna usihlalo wale kilabhu, u-Irvin Khoza abalandele uBenni McCarthy oxoshwe yiCape
Town City ngeSonto.
Kulo mdlalo weMaritzburg kukhona abebephethe izingqwembe ebezinemibhalo ethi bafuna kubuyiswe uMcCarthy obeke amakhokho ethala egijima kuyona iPirates.