UMiddendorp usamdinga kwiChiefs uParker

238
Kuthiwa usekhiphe umyalelo wokuba agcinwe

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp kuvela ukuthi ukhiphe umyalelo wokuba le kilabhu yelule inkontileka yomgadli wayo njengoba ekholwa wukuthi ubukhona bakhe buzoba wusizo kuyona.

Inkontileka kaBernard Parker ongumgadli weChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. Nokho inesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka. 

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uMiddendorp ukhiphe umyalelo kubaphathi bale kilabhu ukuba bayelule inkontileka kaParker.

Umthombo uthe: “Umqeqeshi ubona ubukhona bukaParker buzoyisiza le kilabhu njengoba enolwazi oluzoba wusizo kubadlali abasebancane. 

“Usekhiphe umyalelo wokuba yelulwe inkontileka yakhe, okusho ukuthi nangesizini ezayo uzobe esayingxenye yale kilabhu yize iminyaka yakhe yobudala isihambile.”

Imizamo yokuthola uBobby “Bobsteak” Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs okuvela ukuthi nguyena oyalelwe ukuba elule inkontileka kaParker, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. 

Leli phephandaba lithole ukuthi ubuyela namuhla ngoMsombuluko ehhovisi.

IChiefs isonge unyaka iqhwakele esicongweni se-Absa Premiership, kanti izovula u-2020 ngokubhekana neSuperSport United ngoMgqibelo ngo-18h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga.