Ufuna ukufeza iphupho ngeBucs

193
UMhango ukholwa wukuthi ifomu yakhe izomuyisa e-Europe

SENZO SOKHELA

ISIBABULI somdlali we-Orlando Pirates uGabadinho Mhango silubalubela ukuyodlala e-Europe ukukhulisa ibhola laso njengoba sihlohla amagoli sengathi siyabukisa muva nje.

IBucs inenebule iPolokwane City ngo-4-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs avalelwe enethini nguMhango amathathu nelilodwa likaBen Motshwari, kwathi elePolokwane leza noMohammed Anas. 

U-Anas ushwebe iphenathi kulo mdlalo.

Emuva kokuba uMhango eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uthe uzimisele ngokwenza iBucs isitebhisi sokufeza iphupho lakhe lokuyodlala e-Europe.

“Bekuyiphupho lami ukuthi ngelinye ilanga ngidlalele ikilabhu enkulu njengePirates ngoba yiyona eyisango lokuya e-Europe.

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuyodlala khona ngoba ufunda lukhulu. Njengoba ngisefomini nje, nginethemba lokuthi iPirates izongivulela iminyango,” kusho uMhango.

Ubonge ozakwabo ngokuqokwa njengomdlali ovelele.

“Konke kuqala ejimini, indlela esenza ngayo izinto yiyona eyenza sidlale ngale ndlela. 

“Ngiyababonga kakhulu ozakwethu ngokungeseka. 

“Ngaphandle kwabo ngabe kangidlali ngalolu hlobo. Ngiyajabula ngoba siyanqoba sonke siyikilabhu kakukho ngami ngedwa,” kusho uMhango.