Aphezulu amaphaphu eGlebelands

105

NgoLwesibili kudutshulwe kwabulawa owesilisa 

 NOMFUNDO NGWANE 

SEZIVUSE ingebhe kubahlali basehostela lodumo iGlebelands, eMlazi izigameko zokubulawa kwabantu abathathu ezigamekweni ezahlukene selokhu kuqale lo nyaka. Esigamekweni sakamuva, ngoLwesibili ekuseni kudutshulwe kwabulawa uMnu Thandilizwe Ngwabe (60) esanda kuphuma endlini yakhe eya emsebenzini. 

Kuzokhumbuleka ukuthi laba bantu abathathu babulawa nje, leli hostela selike laduma kabi ngokuba “yisemadeleni” lapho kubulawa khona abantu, abebeqothwa ubusuku nemini. 

ILANGA likhulume nendodana kamufi, uMnu Zinga Ngwabe mayelana nesigameko sokubulawa kukayise. Uthe ubulawa nje, ubesehlale iminyaka engaphezu kwewu-30 kuleli hostela. Bekuyinyanga yakhe yokugcina le esebenza kwaToyota esezothatha umhlalaphansi. 

“Sigcine ukumbona ngeSonto esuka emakhaya eHighflats kade evakashile. Besingekho ehostela ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, sithole ucingo lusibikela ukuthi sekwenzeke into efana nale. 

“Kusethusile ukubulawa kwakhe ngale ndlela ngoba besekunesikhathi ehlala kuleli hositela futhi zingekho nezinkinga ake wasibikela zona mayelana nokuthi kunokungahambi kahle, noma abantu axabene nabo. 

“Sizwe esebulewe ukuthi ungowesithathu kwasebedutshulwe babulawa kuleli hostela selokhu kuqale lo nyaka. Kusiphathe kabi siwumndeni ukubulawa kwakhe ngoba ubesebala amasonto ukuba athathe umhlalaphansi emsebenzini, esezenzile nezinhlelo zokuthi uzobuyela emakhaya ayogada imfuyo yakhe uma engasasebenzi,” kusho uMnu Ngwabe. 

ILANGA lithole ukuthi bonke laba ababulawayo, bafela ngaphakathi ehostela. 

Ikhansela eliphethe kule ndawo, uMnu Mshiyeni Mzobe, lithe selizwile ngesigameko sokubulawa kukaMnu Ngwabe. Likuqinisekisile ukuthi yisigameko sesithathu lesi. 

Lithe ukubulawa kwalaba bantu sekuqubule uvalo olukhulu kubahlali basehostela. 

“Yize uphenyo selusezandleni zamaphoyisa ngokwenzekile, kodwa kuyiqiniso ukuthi ukubulawa kwabantu ngale ndlela sekuqubule olu-khulu uvalo. Kasifuni ukuqagela ngokubulawa kwabo, sizolinda uphenyo lwamaphoyisa,” kusho uMnu Mzobe. 

ILANGA likhulume nomunye wabahlali bakuleli hostela, ngombandela wokuba angadalulwa, othe bobathathu asebebulewe bebesondelene. 

Uhambe emazwini ekhansela ethi ukubulawa kwabo sekunyuse amaphaphu kwabanye abahlali. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa- Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uziqinisekisile lesi zigameko, wathi amaphoyisa avule amacala okubulala, bekungakaboshwa muntu. 

nomfundo@ilanganews.co.za