Babhikishe bashisa Impahla abafundi bediniwe

72

Bakhala ngokubanjiswa wumnyango udonga

ABAFUNDI baseMthengeni High School, eMandeni abashise izinsiza zesikole izolo ngoLwesithathu. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

BEKUSHUBE isimo, kuvutha amathayi emgwaqweni, kushiswa namathangi amanzi ngaphakathi eMthengeni High School, eMandeni, egcine ngokuvalwa izolo ngoLwesithathu, abafundi bebhikishela ukuthi bazoya kanye ngenyanga esikoleni ngenxa yokushoda kwendawo yokufundela. 

Umzali wengane efunda kulesi sikole ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa hleze ingane yakhe ithelwe ngamathonsi abanzi utshele ILANGA ukuthi bathenjiswa amagumbi okufundela engeziwe kulesi sikole, kodwa lutho. 

Uthi isikole sisebenza kahle kodwa umnyango akukho okwenzayo ukulekelela imfundo yabantwana. 

“Akuyona into yamanje ukusweleka kwendawo yokufunda. NgoMsombuluko kasizange sivulwe isikole ngenxa yayo le nkinga. Izikhulu zezemfundo zihlale zithembisa into engekho, zithi konke kuhamba kahle, zikhuluma into engekho,” kusho lo mzali. 

Uthi kwathenjiswa ukuthi nyakenye isikole sizonikwa amagumbi awu-13 angomahambanendlwana, okuyinto engazange yenzeke. Uveze nokuthi ngenxa yokulwa komphakathi, umnyango uthembise ukuthi ekupheleni kwenyanga ezayo uNdasa (March) kuzohanjiswa amathathu. 

“Kungani isikole singalungiswa? Kungani kungakhiwa amanye amagumbi okufundela? Yini le eyenza umnyango wezemfundo ube mathintanyawo uma kumele weseke izikole okuphaswa kahle kuzona?” kusho umzali. 

Omunye umzali utshele ILANGA ukuthi indlela okukleliswe ngayo ukuya kwezingane esikoleni, ikhombisa ukuthi kayikho into ezizoyifunda, okuzokwenza kube nzima nokubhekana nezivivinyo. 

“Izingane zilwa kufanele, kayikho le nto eyenziwayo,” kusho umzali. 

Ngokuthola kweLANGA, abafundi bakulesi sikole bathi ngeke bahlale emakhaya inyanga yonke njengoba umyalelo wezemfundo uthe abafundi okumele bengaphazanyiswa esikoleni bafunde nsuku zonke – uGrade-12. 

Kuthiwa abafundi kulesi sikole bawu-1 036, kanti amagumbi awu-10 kuphela. UGrade-8 unabafundi abawu-130, uGrade 9 bawu-186, uGrade 10 bawu-246, uGrade-11 bawu-257 kanti uGrade 12 bawu-207. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe lolu daba luxoxiwe ngoMsombuluko, kwavunyelwana ngokuthi abafundi bazofundela esikoleni esiwumakhelwane. 

Uthe abafundi bakulesi sikole bayanela kuwona wonke amagumbi uma lungekho uhlelo lokuqhelelana ngenxa yeCovid-19. 

“Isikole esiwumakhelwane sinikele ngamagumbi awu-5 okuzofundela kuwona abantwana ngesikhathi kusasetshenzwa udaba, futhi bekuvunyelenwe. Kuyasixaka uma sekubhiki-shwa ekubeni lolu daba luxoxwe nazo zonke izinhlaka zomphakathi, ngisho ikhansela belikhona. 

“Amagumbi angomahambanendlwana sisawa-odile, azofika ekupheleni kwenyanga ezayo, phela izinto zenziwa ngokulandela imigomo ebekiwe ekuthengweni kwezinto kuhulumeni,” kusho uMnu Mthethwa.

mthobisis@ilanganews.co.za