IPirates engcupheni yokuntula umqeqeshi

209

UZinnbauer uphindele kwelakubo ngenxa yesimo esiphuthumayo

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer ofulathele elakuleli ephuthuma kwelakubo eGermany. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

I-ORLANDO Pirates isiphume umkhankaso wokuthungatha umqeqeshi ezocupha ngaye uma kungukuthi uJosef Zinnbauer ugcina engabuyanga njengoba elibhekise kwelakubo eGermany.

IBucs iguqise omkhaya iKaizer Chiefs ngo-3-0 emlenzeni wokuqala weMTN8 ngoMgqibelo ntambana e-Orlando Stadium, eSoweto.

Emuva kwalo mdlalo uZinnbauer uphuthume esikhumulweni sezindiza njengoba ecele ikilabhu imkhulule njengoba ebike ukuthi kunesimo esimdingayo ekhaya.

Esitatimendeni esithunyelwe yiBucs sithi indodana yakhe isesibhedlela.

Lo mqeqeshi uthe uma isimo singashintshi ngeke esabuya.

Nokho abukeka emancane amathuba okuthi abuye njengoba kusukela namuhla ngoMsombuluko iGermany ibuyela kuthanqa, njengoba kuthiwa abantu abangenwa yigciwane iCorona banda ngendlela exakile. 

Kuthiwa ngosuku balinganiselwa ku-11500 abantu abatheleleka ngaleli gciwane eGermany.

Uthanqa wakhona uqala namhlanje kuze kube ngumhlaka-30 kwephezulu.

UChancellor  wakhona u-Angela Merkel umemezele ukuthi ngeke kuphume lutho futhi ngeke kungene lutho eGermany ukugwema ukubhebhetheka kwalolu bhubhane.

Umthombo waleli phephendaba uthe: “Mancane amathuba okuthi lo mqeqeshi uzobuya  ngoba kwanangawo umhla ka-30 akuqinisekisiwe ukuthi iGermany izovulwa ngoba e-Europe kusuke kusawubusika. 

“Njengoba ngikhuluma nawe nje, iBucs isiqalile ithungatha umuntu ozovala isikhala sikaZinnbauer. Ngisho inkinga yakhe ingaxazululeka namhlanje vele iGermany ikuthanqa uzohlala inyanga yonke kwelakubo,” kusho lo mthombo. 

Imizamo yokuthola uKhoza okunguyena osingethe lolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belulokhu luthi ulayini wenombolo umatasa.