IPirates idedele ulabhabha kwiChiefs

142

Ziyanda izinkinga kuGavin Hunt kumiswa uMathoho, kulimala noFrosler

SENZO SOKHELA

ABADLALI be-Orlando Pirates bejabulela elinye lamagoli beguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-0 (5-0) koweMTN8 izolo ngeSonto ntambama eFNB Stadium. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

I-ORLANDO Pirates izibekisele indawo kowamanqamu weMTN8 iguqisa omkhaya iKaizer Chiefs ngo-2-0 emlenzeni wesibili we-semi final yalo mqhudelwano izolo ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli eBucs avalelwe enethini nguFortune Makaringe ngomzuzu ka-59 noLinda Mntambo ngoka-80. 

IBucs inqobe lo mdlalo ngo-5-0 uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze. 

IBucs izobhekana neBloemfontein Celtic kowamanqamu ozokuba ngomhla ka-12 kuZibandlela (December). ICeltic itonyulwe ukuba ekhaya. Inkundla nesikhathi somdlalo wamanqamu kusazomenyezelwa.

IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele u-Eric Mathoho ethola ikhadi lesibili eliphuzi wakhishwa ngelibomvu.

UJosef Zinnbauer ololonga iBucs, otheleke kuleli izolo ngeSonto ekuseni esuka eGermany, uthe: “Sibe nomdlalo omuhle kodwa besingahlohla amanye amagoli amabili ngaphezu kwalawa esiwashayile. Okumqoka wukuthi sifinyelele kowamanqamu ngijabule ngalokho.”

UZinnbauer uphindele eGermany emuva kwalo mdlalo njengoba indodana yakhe isasesibhedlela emuva kokuvelelwa yingozi yemoto.

UGavin Hunt ololonga iChiefs, uthe kakukho okungako angakusho ngalo mdlalo.

“Kuningi okufanele ngabe siyakwenza kodwa kasikwenzi. Sizamile ukwakha amathuba kodwa kakukho nje okutheni engingakusho ngalo mdlalo,” kusho Hunt.

Umdlalo uqale ngegiya eliphansi njengoba kuphele imizuzu ewu-10 ingekho ecindezele enye, onozinti bezipholele. 

IPirates ibizitendela kubonakala ukuthi kayijahe lutho njengoba iye kulo mdlalo ihamba phambili ngo-3-0. 

Ngomzuzu ka-22 iChiefs igqemeke ingozi uReeve Frosler ebhinyilika idolo. 

Odokotela bazamile ukumelapha kodwa akwangavuma njengoba ekhombise ukuzwa izinhlungu.

Ukhishiwe indawo yakhe yathathwa nguSiphelele Ntshangase.

UNjabulo Blom weChiefs obedlala esiswini uhlehlele emuva ophondweni lwesokudla lapho bekudlala khona uFrosler, uNtshangase wayongena esiswini. 

Ukulimala kukaFrosler kushayise ngovalo njengoba uma kubucayi kuzophoqa ukuba ahoxiswe kwiBafana Bafana ezodlala neSao Tome and Principe kowokuhlungela i-Afcon ngoLwesihlanu eThekwini nangoMsombuluko eBhayi.