Isengcupheni imiholo yabaqeqeshi beBafana

349

ISafa ixoxisana nezinkampani ezintathu ukuvala isikhala seNike

MFANAFUTHI NDLOVU

UMQEQESHI weBafana Bafana uMolefi Ntseki.

IZULELWA ngamanqe imiholo yabaqeqeshi beBafana Bafana njengoba siqhubeka nokwenyuka ngamandla isibalo sabahaqwa yigciwane lomkhuhlane iCovid-19 eNingizimu Afrika.

ILANGA lithole ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ihlongoza ukwehlisa imiholo yabo bonke abaqeqeshi abaqashwe yile nhlangano elawula ukuphathwa kukanobhutshuzwayo kuleli. 

Abaqeqeshi abaqashwe yiSafa nguMolefi Ntseki ololonga iBafana, kanti ethimbeni lakhe kukhona uTrott Moloto no-Arthur “10111” Zwane, kanti kwiBanyana Banyana kukhona uDesiree Ellis noThinasonke Mbuli.

Kwi-U/20 kukhona uHelman “Ncane” Mkhalele, kanti kwi-U/17 nguVela Khumalo. Kwabesifazane kuBantwana nakuBasetsane kuqeqesha uSimphiwe Dludlu.

UTebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiSafa, utshele leli phephandaba ngesikhathi ehambele eMlazi ngoMgqibelo ntambama ukuthi isimo sitshekile kule nhlangano. 

Uthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi imali isetshenziswa ngokukhulu ukucophelela ukuze bangazitholi behola inhlangano ecwile ezikweletini.

“Nakuba isimo okwamanje singakabi sibi kodwa siyakunkankanya ukubuyekeza izinkontileka zabaqeqeshi esibaqashile uma isimo siqhubeka nokuba nzima kuleli ngenxa yeCovid-19. 

“Phela sithembele emalini efakwa yizinkampani ezingabaxhasi, ezidonsa kanzima njengamanje ngenxa yalo mkhuhlane,” kusho uMotlanthe oveze ukuthi abaqeqeshi bakhuluma naye ngqo ngabakwenzayo njengoba izwe lisagongqile.

Uqhube ngokuveza ukuthi uphezu kwezingxoxo nezinkampani ezintathu zezimpahla zokugqoka ukuseka iSafa njengoba isanda kushiywa ngabakwaNike. 

Uthi unethemba lokuthi maduzane uzoziphothula izingxoxo zabaxhasi. 

Uqhube ngokuthi u-R2,5 billion  abawuthole kwiFifa nakwiCaf bazowusebenzisa ukuthuthukisa ibhola labesifazane nokulungiselela imidlalo yokuhlungela i-Afcon neNdebe yoMhlaba abasazoyidlala.

Kwenzeka lokhu nje, le nhlangano ngeledlule ihlukane noNeil “Mkhukhu” Tovey obengusomaqhinga. 

UTovey utshele ILANGA ukuthi babange indaba yomholo nabaqashi bakhe okwenze kayaze yavuselelwa inkontileka abenayo yeminyaka ewu-5 ephele ngokusongwa kwenyanga edlule uNhlangulana (June).