Kuvela eyokungenami kumgadli weBucs

111

Ukukhuhla ibhentshi kuthiwa sekumenze wacela ukubolekiswa

SENZO SOKHELA

UTSHEGOFATSO Mabasa we-Orlando Pirates ongaseneme kule kilabhu. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

AKENEME neze ngokweqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates umgadli wale kilabhu kangangoba kuthiwa useyalele umphathi wakhe ukuba acele ukuba abolekiswe.

IBucs isayinise uTshegofatso Mabasa (23) kumasizini amabili edlule esuka kwiBloemfontein Celtic abengalibheki ipali kuyona. Nokho selokhu kufike uJosef Zinnbauer waseGermany ongumqeqeshi isikimu usizwa ngendaba.

Lo mqeqeshi uncamela ukudlalisa uGabadinho Mhango noZakhele Lepasa okubukeka emuzwa ngaphakathi.

Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ongaphakathi kwi-Bucs ukuthi uMabasa akajabule neze kangangoba useyicelile imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane ukuba ikhulume nePirates ukuze imbolekise.

Lo mthombo uthe: “Nakuba eke waba nokulimala kodwa uyazi ukuthi uZinnbauer akamuzwisisi kahle njengoba vele engamdlalisi. 

“Okumuzwisa ubuhlungu wukuthi uma enikwe ithuba akajwayele ukwenza iphutha, uyalishaya igoli kodwa ajike angadlaliswa.

“Ukhulumile nomphathi wakhe, wacela ukuba azame ukuncenga iPirates imbolekise. ICeltic izimisele ngokumboleka, kayinankinga ngoba iyamazi. 

“Njengoba iPirates isayinise uJean-Marc Mundele Makusu ongumgadli waseDRC, uyabona ukuthi ushoveleka ezansi yingakho esefuna ukuhamba.

“Nokho umphathi wakhe ngathi ufuna ahlale alwele indawo yakhe kwiPirates. 

“Iwindi liyavalwa maduzane, sizobona ukuthi izogcina kanjani indaba yakhe kodwa lo mfana ufuna ukudlala.”

UMahlakgane okunguyena ophethe izindaba zalo mdlali ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba, uthe ngeke aze akwazi ukukhuluma ngalo kukhona amatasa ngakho wabe esevala ucingo. Liphinde lizama ukumshayela leli phephandaba ubengasalubambi ucingo.