“Obengunjiniyela utholwe esengamathambo”

240

Ukuqathaka kukamazisi emotweni kamufi ebisiyodayiswa kusizile, kwabanjwa umsolwa

NOMFUNDO NGWANE

KUSIZE ukuba kuqhutshwe omunye wabasolwa kwayiwa lapho okuthiwa kwalahlwa khona isidumbu sikaMnu Nkosi Langa (33), waKwaNdengezi, eThekwini ukuze kugcine kutholakale amathambo emuva kwezinsuku ezintathu amaphoyisa ebhudula, esithungatha eNembe, eBhamshela. 

NgoLwesihlanu kutholakale amathambo okusolakala ukuthi ngakaMnu Langa owagcina ukubonakala mhla ka-29 kuMandulo (September), ‘ngosizo’ lukaMnu Mashudu “Ramaphosa” Hadebe, okunguyena okhombise amaphoyisa lapho kuthiwa yena nosbari kamufi, uMnu Nathi Zungu nomunye umsolwa onguMnu Phiwayinkosi Mbedu Msomi basilahla khona isidumbu sikamufi. 

ILANGA lithole ukuthi uMnu Hadebe ulihlanze lonke iqiniso emaphoyiseni ngakho konke okwenzeka kuMnu Langa. Abasolwa bashaqwa ngamaphoyisa ngeledlule. 

UMnu Zungu ambopha ehleli emzini kamufi nodadewabo eCaversham, ePinetown, kanti uMnu Msomi kuthiwa ambamba eseyodayisa Isuzu D-Max Hi-Rider kamufi obesebenza kwaTransnet, engunjiniyela. 

Laba basolwa umthombo weLANGA uthi bazivumela ngesikhathi beshaqwa ngamaphoyisa ukuthi bambulala uMnu Langa, basho nokuthi bamklinya qede isidumbu sakhe bayosilahla eNembe, ngakubo kwabanye abasolwa abasagcwele izinkalo. 

Kusukela ngoLwesibili amaphoyisa ebophe uMnu Zungu ithimba lamaphoyisa ebeliholwa nguSgt Smitla Mokoena, waseDalton, ebese lithole umkhondo wokuthi isidumbu sikaMnu Langa salahlwaphi, lisebenze ngokulekelelwa ngamalungu omphakathi waseNembe nezinduna zendawo, kuthungathwa isidumbu ngokuyalelwa nguMnu Hadebe ukuthi basilahlaphi. 

NgoLwesihlanu amaphoyisa agcine efike naye uMnu Hadebe endaweni abebayalela kuyona, kwagcina kutholakele amathambo, eceleni kwawo kukhona isikhindi esi-blue, okuthiwa uMnu Langa waphuma kwakhe esigqokile.    

Kube wumunyu nosizi kumalungu omphakathi sekutholakala la mathambo. 

Ithimba leLANGA nalo belikhona ngesikhathi umphakathi, izinduna zendawo namaphoyisa bethungatha isidumbu sikaMnu Langa. 

Nakuba kugcine kutholakale umkhondo wokuthi kube khona ababoshwayo ngokunyamalala kwakhe, kuthiwa kusize ukuthi kutholakale imoto yakhe eDalton isilungiselelwa ukuthi iyodayiswa ngo-R60 000, isishintshwe nezinombolo (number plate). 

Kuthiwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ngale moto sekulindwe ukuba kufike umuntu obezoyithenga kwabe sekuphazamiseka lonke uhlelo. 

Umsolwa obethunywe ukuyodayisa le moto, ubalekile ngesikhathi kuqhamuka amaphoyisa, wayishiya kanjalo emgwaqweni ingakhiyiwe.

Ulahlwe ngelakubo kwaqathaka umazisi wakhe wasala emotweni, okuyiwona osize amaphoyisa ukuba agcine ekwazile ukulandela umkhondo. 

ILANGA langomhla ka-19-21 kuMfumfu (October), labika ngokunyamalala kukaMnu Langa okwathiwa waphuma emzini wakhe kade ehleli nengoduso yakhe emzini wakhe, ngemuva kokungena kocingo luvela kumuntu ongaziwa. 

Isiqophamkhondo (tracker) semoto yakhe sagcina ukukhomba ukuthi indawana thize eNdwedwe. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amathambo omuntu atholwe ngamaphoyisa asazoyohlolwa ukuthi ngakabani. 

Uthe amaphoyisa asebophe abasolwa abathathu ababhekene namacala amathathu; elokuthumba, elokwebiwa kwemoto nelokubulala. 

Bavelile eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngecala lokuthumba. Kulindeleke ukuba baphinde bayovela eDalton ngecala lokwebiwa kwemoto. Icala lokubulala livulwe eNdwedwe.

nomfundo@ilanganews.co.za