OweSibaya ezinsolweni zokuzama ukubulala

103

NOMFUNDO NGWANE

UDEDELWE izolo ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa ase-Olievenhoutbosch, ePretoria umlingisi weSibaya esidlala ku-161 ngo-20h30 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu uZinhle Mabena (oganele kwaNgwenya) emuva kokuchitha ubusuku bonke eboshwe ngezinsolo zokuzama ukubulala umyeni wakhe. 

UZinhle odlala indawo kaSihle kulo mdlalo, ushaqwe ngamaphoyisa engazelele esemzini wakhe ngoLwesibili ekuseni. Bekufanele avele eNkantolo yeMantshi yase-Pretoria kodwa kwagcina kungenzekanga ngenxa yobufakazi obungenele. 

ILANGA likhulume nokhulumela amaphoyisa aseGauteng, uCapt Kay Makhubele oziqinisekisile izindaba zokuboshwa kwalo mlingisi. 

Kuthiwa ngomhla ka-29 kuMasingana (January), kwahlaselwa umyeni kaZinhle ongusomabhizinisi (esiligodlile igama lakhe) ehamba nonogada bakhe. Kulesi sigameko kwagcina kushone omunye wonogada. 

Amaphoyisa abopha abasolwa ababili ngokushona kukanogada. Kuthiwa uphenyo lwawo olunzulu luveze ukuthi lo mlingisi ubexhumana nabasolwa ngokudubula babulale unogada. Kuthiwa ushaqwa ngamaphoyisa nje, izinto besezivele zingasahambi kahle phakathi kwakhe nomyeni. 

Udaba lwalo mlingisi beluyindaba esegudwini ezinkundleni zokuxhumana. 

Okhulumela iNational Prosecution Authority (NPA), ePretoria, uNkz Lumka Mahanjana, ukuqinisekisele kuleli phephandaba ukuthi lo mlingisi akavelanga enkantolo, idokodo libuyiselwe kubaphenyi becala ngenxa yokuthi ubufakazi ababuthumele bebunganele. 

Uthe bayalelwe ukuba bayoqoqa obunye ubufakazi ngaleli cala. Ummeli walo walo mlingisi, uJoshua Lazarus, uthe ukuboshwa kwakhe bekuhlelwe ngenhloso yokusabisa ikilayenti lakhe. 

Uthe ikilayenti lakhe selikhululekile emuva kokuba iNPA ikuphikisile ukuthi icala abeshaqelwe lona lingene ohlwini lwamacala obekumele angene enkantolo izolo ngoLwesithathu. 

Uthe bayakuqinisekisa ukuthi kawekho amacala ahlanganisa ikilayenti lakhe, okungelokukuzama ukubulala nelokubulala.   

nomfundo@ilanganews.co.za