OwoZalo kuthiwa wesule isigubhukane

235

LUCKY CAIN

UTHANDEKA Dawn King okuvela ukuthi utatazelise abakhiqizi boZalo ngokushiya isigubhukane.

Kusuke isidididi kushiya umlingisi oqavile emdlalweni owuchungechunge Uzalo sekusele izinsuku ezimbalwa kuqale ukuqoshwa kulo mdlalo odlala kwiSABC 1 ngo-20h30 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Kule mpelasonto kusabalale imibiko yokushiya isigubhukane kukaDawn Thandeka King, odlala indawo kaMaNgcobo kulo mdlalo njengoba bekulindeleke ukuba kuqale ukuqoshwa kwesizini yesikhombisa yawo namhlanje ngoMsombuluko. 

Ngemuva kwale mibiko, ILANGA lithinte imithombo yalo eyahlukene mayelana nobuqiniso bayo, okuvele ukuthi izikhulu zimatasa zixoxa nalo mlingisi ngenhloso yokumncenga ukuba azinike ithuba, kwazise indawo yakhe ibisaqhubeka. 

Leli phephandaba lithole ngomunye umthombo ongaphakathi ukuthi lo mlingisi uyinyama njengoba kunemidlalo emfunayo futhi emthembisa okungconywana kunalokhu akuthola kuZalo. 

Ubalule umdlalo weNgonyama uShaka okulindeleke ukuba uqoshwe yisiteshi esikhokhelwayo, iM-net, obhekwe ngabomvu futhi okulindeleke ukuba ubophele abalingisi abanohlonze. 

“Nakuba ngingenaso isiqiniseko, kodwa ngike ngezwa ukuthi bayamdinga kulo mdlalo njengoba bemfunela ukuba ayodlala indawo kaNandi (unina kaShaka),” kuchaza lo mthombo osondelene nalo mlingisi.

Omunye umthombo uveze ukuthi zibamba ziyayeka izikhulu zoZalo njengoba lokhu kwenzeke zingalindele, futhi zisezinhlelweni zokuqala isizini entsha. 

Uthe kulindeleke ukuba kube nomhlangano kuleli sonto elisombulukayo lapho kuzodingidwa khona inqubekela phambili. 

Ethintwa lo mlingisi osebe kulo mdlalo kusukela ngesizini yokuqala yawo ucele ukuba athintwe maphakathi nesonto, waveza ukuthi kusenezinto okusaxoxwa ngazo. 

Akavumanga futhi akaphikanga ukuthi uyashiya kulo mdlalo. Utshele leli phephandaba ukuthi akazi ukuthi le mibiko isabalale kanjani njengoba yena ebengakasho lutho ngalolu daba. 

Okhulumela lo mdlalo, oqoshwa yiStained Glass Productions, uNomfundo Zondi, uthe ngeke akwazi ukuphawula okwamanje. Naye ucele ukuba athintwe kuleli sonto, kuzobe sekukhona okuphathekayo ngalolu daba. 

Uzalo ngomunye wemidlalo ehamba phambili ngababukeli njengoba usuke waqopha umlando ngokuba nabangaphezulu kuka-10 million

UThandeka useke wabonakala nakweminye imidlalo kamabonakude okubalwa iLockdown. Uhlabane ngezindondo ezahlukene, okubalwa neyeBest Actress koweGolden Horn, wahlabana ngefanayo kwiRoyalty Soapie Awards.