Ukhalela ubisi oluchithekile oweBucs

206

UZinnbauer ugxeke abadlali kuphuka irekhodi

SENZO SOKHELA 

UKERMIT Erasmus weSundowns emaka uThembinkosi Lorch wePirates ehlulwe ngo-1-0 koweligi ngoMgqibelo eLoftus Stadium, ePitoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

USOLA abadlali bakhe ngobudedengu umqeqeshi we-Orlando Pirates okuphuke irekhodi layo ihlulwa okokuqala ngale sizini. 

IBucs iguqiswe ngo-1-0 yiMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eLoftus Stadium, ePitoli. 

Igoli okunqobe ngalo iDowns lingqofelwe enethini nguBrian Onyango odlala emuva. 

IBucs ibihlulwa okokuqala ngale sizini njengoba ibingakaze yehlulwe. 

Umqeqeshi wayo uJosef Zinnbauer usole abadlali bakhe ngobudedengu kulo mdlalo. 

“Igoli elishaywe yiSundowns kube wubudedengu bethu ngoba bengishilo ukuthi iSundowns iyawavalela amabhola agotshiwe kodwa sangamaka ngendlela efanele. 

“Sithole nenqwaba yamathuba, bekufanele sishaye igoli kuqala, nokho sahluleka ukuwasebenzisa. 

“Sizame ngawo wonke amandla esinawo ukunqoba ikakhulukazi sekusele imizuzu engu-20 umdlalo uphele kodwa akwangenzeka. 

“Ngidumele ngoba senze umsebenzi omkhulu kodwa kwayithina esihlulwayo. 

“Ukube sishaye igoli ngesiwombe sokuqala besizowunqoba lo mdlalo,’’ kusho uZinnbauer. 

UManqoba “TV” Mngqithi ololonga iDowns, uthi konke kuhambe ngokohlelo. 

“Konke kuhambe ngendlela ebesihlele ngayo yize ngibonile ukuthi sisasemaholidini kaKhisimusi. 

“Besingenza kangcono kunalokhu esikwenze kulo mdlalo. Kuneziwombe lapho unozinti wabo ubesele noThulani Hlatshwayo emuva kodwa sangakusebenzisa lokho. 

“Kodwa-ke kufanele ngibongele wonke umuntu, kusetshenzwe kanzima. Uma ufuna ukunqoba isicoco seligi kubalulekile ukusebenzisana,’’ kusho uMngqithi.