ULorch uphumele obala ngezinkinga

311

Kuvuke iminjunju enqoba inkomishi yokuqala kwiPirates

MFANAFUTHI NDLOVU

UPHUMELE obala ngobuhlungu abhekene nabo uThembinkosi Lorch (osesithombeni)  onqobe inkomishi yakhe yokuqala ebholeni elikhokhelayo ngesikhathi i-Orlando Pirates iguqisa iBloemfontein Celtic ngo-2-1 kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ICeltic yiyona ebone imbobo yamapali kuqala ngesikhathi uSiphelele Luthuli, obenomdlalo omuhle, evalela igoli ngomzuzu wesithathu kwathi aweBucs eza noDeon Hotto noLorch kuyiphenathi. 

Ngemuva kwalo mdlalo uLorch odlale ingcwenga yebhola, utshele abezindaba ukuthi ubonga umndeni wakhe omeseke esebunzimeni empilweni yakhe, wawa uvuka naye.

Nakuba enganabanga ngobunzima abhekene nabo uLorch, kodwa usanda kuboshelwa icala elinzima lokuhlukumeza isithandwa sakhe. Ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo ezibucayi, izinga lakhe lehlile enkundleni njengoba ebesebuye eqiwe nayijezi kumaBhakabhaka okuyinto ebingenzeki ngaphambi kwazo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini wake waba ngumdlali ovelele kwiPremier Soccer League (PSL) kanti nakwiBafana Bafana ubevutha bhe.

“Bekuhlale kuyisifiso sami ukuqukula indebe ngigijima kwiBucs. Ngijabule kakhulu ngokunqoba. Le nkomishi iyangithoba njengoba ngike ngabhekana nesikhathi esinzima kakhulu empilweni yami. Ngifisa ukubonga umndeni wami ngokungeseka. Ngikholwa wukuthi konke okwenzekile kuzodlula,” kusho uLorch.

ULorch ungene kulo mdlalo ngemuva kokulimala kukaThabang Monare. Kuke kwavela nemibiko yokuthi ugaqelwe ngamakilabhu aphesheya kodwa wagcina engahambanga.