Umgadli weChiefs uveza ubuhlungu ngezakhe

172

Ubalisa ngokulimala kwakhe okumhlalise ekhaya isikhathi eside

SENZO SOKHELA

USAMIR Nurkovic ongumgadli weChiefs ongalibheki ipali.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ISAQAQAMBA inhliziyo yomgadli weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandeli bayo ngobuhlungu abuzwile athi bebungabekezeleki.

IChiefs iphinde esidume ngakho inenebula ngo-3-0 iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) kowe-DStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli eChiefs avalelwe enethini nguNkosingiphile Ngcobo, uLebohang Manyama noHappy Mashiane.

UBernard Parker weChiefs no-Alfred Ndengane weTTM abawuqedanga lo mdlalo njengoba bekhishwe ngamakhadi abomvu ngokwehlukana. 

USamir Nurkovic ongumgadli weChiefs uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

Lo mgadli usanda kushaya ibuya njengoba eke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala nezinkinga abenazo ezithinta inkontileka yakhe ne-Chiefs. 

Kuvela ukuthi ubefuna ukukhushulelwa umholo kwazise i-Al Ahly yase-Egypt ibimfuna futhi imthembisa itshe lemali.

IChiefs kuthiwa igcine imnikile abekudinga.

Lo mdlali ekhuluma emuva komdlalo uthe: “Ngihlale izinyanga ezintathu ngingadlali ngenxa yokulimala.

“Ngiyajabula ngoba sengibuyile.

Bekungizwisa ubuhlungu obungachazeki ukubuka ozakwethu belwa bodwa enkundleni ingekho into engingayenza ngoba bengilimele.

“Kodwa-ke lokho akuchazi ukuthi ngimkhulu kunekilabhu. Nangaphandle kwami iChiefs inkulu futhi inabadlali abaseqophelweni eliphezulu.

“Lo mklomelo engiwunqobile ngiwubhekisa kubalandeli bethu abangakwazi ukuzoseseka njengoba isimo sinje emhlabeni,” kusho uNurkovic.