UMiddendorp unukelwa yisicoco seligi

229

Abadlali bokufika batakule iChiefs ngamagoli

SENZO SOKHELA 

U-ANTHONY Akumu weChiefs emakwa nguCharlton Mashumba wePolokwane City ehlulwe ngo-3-2 koweligi ngoMgqibelo eLoftus Stadium.

SIMUNUKELA ekhaleni isicoco seligi umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp. 

IChiefs igile izimanga ibuya ihlulwa ngo-2-0 yiPolokwane City yayikhava yayidla ngo-3-2 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama eLoftus Stadium, ePitoli. 

IPolokwane iyona evule inkundla uLesiba Nku elibeka enethini ngomzuzu ka-17, uJabulani Maluleka weza nelakhe ngoka-61. 

IChiefs ibuye ngamandla uWillard Katsande eliqabulisa inethi ngomzuzu ka-71, uSamir Nurkovic weza nelakhe ngoka-75, kwazovala u-Anthony Akumu washayelela isipikili elibhakuzisa enethini ngomzuzu ka-77. 

Le wini inike ithemba ngesicoco seligi umqeqeshi weChiefs kwazise isivule igebe lamaphuzu angu-6 kwiMamelodi Sundowns elele endaweni yesibili. 

“Asingijabulisanga neze isiwombe sokuqala, ngiyayinika iPolokwane sona, ibisigijimisa. Isithole sihuqa ubuthongo cishe izikhathi ezintathu kumbe ezine. 

“Izinguquko esizenzile zisisize ngendlela eyisimanga ngoba ngesiwombe sesibili sifake abadlali abanesipiliyoni uWillard Katsande, uRamahlwe Mphahlele noBernard Parker. 

“Bangene bawuguqula umdlalo waba yile nto esiyifunayo.   

“Ukulandela ngo-2-0 bese uzoshaya amagoli amathathu emizuzwini engu-8 kuyizinkomba zokuthi abadlali bami bazinikele kangakanani. 

“Le nto yenza ngisizwe sinuka ekhaleni isicoco seligi,’’ kusho uMiddendorp. 

IChiefs kuzokuthi ngoLwesithathu ngo-18h00 ibhekane neBloemfontein Celtic e-ABSA Tuks Stadium, ePitoli. UMiddendorp uthi kuzofanele banqobe. 

“Sesidlulile kokwenzeke kwi-Polokwane into emqoka kithina manje wukuthi sinqobe lo mdlalo weCeltic. 

“Ikusasa sonke siyazi ukuthi liyimfihlo, akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzakalani kusasa. 

“Kodwa-ke sifuna ukunqoba isicoco seligi. Sifuna ukuba yizingqwele,’’ kusho uMiddendorp.

Imiphumela ye-Absa Premiership ihambe kanje:- SuperSport  , Celtic  ; Leopards  2, Pmb  2; AmaZulu  0, Baroka  0; Pirates 0, Wits 0; Polokwane 2, Chiefs 3; Stellenbosch FC 1, Arrows 0; Chippa 0, CPT City 1; Hihglands 1, Sundowns 1.

 Imidlalo yaphakathi neviki iqhathwe kanje: 

NAMUHLA NGOMSOMBULUKO 

ELoftus: Cape Town City vs Sundowns 18h00. 

KUSASA NGOLWESIBILI 

EFNB Stadium: Wits vs Arrows 15h30. 

E-Orlando: Chippa United vs Highlands Park 15h30. 

E-Emirates: Orlando Pirates vs Baroka 18h00. 

NGOLWESITHATHU  

EBidvest Stadium: SuperSport vs Polokwane 15h30.  

E-ABSA Tuks Stadium: Celtic vs Kaizer Chiefs 18h00.