Umndeni usulibeke kuSenzo ithemba ngababulali

128

Kuthiwa bebemenzele umsebenzi wesintu wokumbuyisa ukuze “bezomthethisa kahle” abaveze

NONHLAKANIPHO SHINGA

NguSenzo Meyiwa

WENZELWE wumndeni wakhe umsebenzi wokumbuyisa izolo ngeSonto uSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ukuze uzomthethisa kahle, agcine ekhiphe abantu abambulala.

Lokhu kuvezwe nguMnu Sfiso Meyiwa okhulumela lo mndeni, othe yize kunabasolwa abasanda kuboshwa ngecala lokubulawa komfowabo, kepha njengomndeni kabanelisekile neze, yingakho befuna ukukhuluma naye ngqo uSenzo ukuze aveze obala ababulali.

“Kasikwazi ukuthi singathi sifuna aphumule ngokuthula kube kusenjena. Njengomndeni siyokhululeka mhla kwaboshwa abantu abathintekayo ekubulaweni kwakhe. 

“Simlandele ukuthi simthethise kahle lapha ekhaya ekhona egcekeni ngoba besithi uma sikhuluma naye siye ethuneni lakhe,” kusho yena. 

Utshele ILANGA ukuthi izolo bebenze umcimbi wesintu wokubuyisa uyise, uMnu Sam Meyiwa owadlula emhlabeni eminyakeni emithathu edlule basebebuyisa naye uSenzo. 

“Besingeke siqale ngoSenzo ngoba ngubaba oyinhloko yekhaya. Naye njengoba esengcwatshwe ndawonye newele lakhe uSiya, sibe sesibiza yena yedwa ngoba ngokwesintu kawube usalibiza iwele elidlule kuqala,” kusho yena. 

Kusasa ngoLwesibili kuzobe kunomcimbi ozohanjelwa yizicukuthwane ezehlukene emkhakheni kanobhutshuzwayo okubalwa uMengameli weSafa uDanny Jordan, uSihlalo we-PSL nePirates u-Irvin Khoza, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, iMeya yeTheku uMnu Mxolisi Kaunda nezinye izicukuthwane. 

“Umcimbi wabalandeli bakaSenzo sesawenza, ngakho-ke kasikwazi ukuthi samukele abantu abaningi kulo mcimbi ohlelwe yiSafa ngoba kuvumeleke abantu abawu-150 kuphela,” kusho yena. 

Umcimbi wesikhumbuzo nokwembulwa kwetshwe uzoba seMoses Mabhida Auditorium ngoLwesibili, lapho kuzoba khona inkonzo nezinkulumo ngaphambi kokuba kuyiwe emathuneni eChesterville, eHeros Acres, lapho kulele khona amaqhawe akuleli. 

Uthi yize noma engasakhumbuli kahle ukuthi iwele likaSenzo lashona ngamuphi unyaka, kodwa lashona emuva kokuminza olwandle. Uqhube wathi unethemba lokuthi uyise naye lapho ekhona, ujabule ukuthi seluze lwafika usuku lokuthi kwembulwe itshe lamadodana akhe yize eselele ndawonye. 

Kuzokhumbuleka-ke ukuthi njengamanje kunabesilisa abawu-5 abasolwa ngokumbandakanyeka ekubulaweni kukaSenzo, owadutshutshulwa ekubo kwesinqandamathe sakhe esingumculi, uKelly Khumalo eVosloorus, eGoli. Laba balisa nguMuzikawulahlekelwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Mncube, uMthokoziseni Maphisa noSifokuhle Nkani Ntuli.

Laba basolwa, okuyimanje badonsela amacala ahlukene, ngesikhathi bevele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg, eGoli baphika balala ngomhlane ukuthi bayathinteka ekufeni kukaSenzo ngomhla ka-28 ku-October (Mfumfu) 2014.   

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za