USjava ugonyuluka ngoZamar

510

Uveze neyokuthi akakaze ashadelwe empilweni yakhe

LUCKY CAIN 

UPHUMELE obala ngobuhlungu aphila ngaphansi kwabo umculi ongumrepha, uSjava ogama lakhe langempela nguJabulani Hadebe kusukela kwasabalala izinsolo zokuthi wadlwengula umculi we-house owayeyisithandwa sakhe, uLady Zamar, ogama lakhe langempela nguYamikani Banda. 

USjava osanda kwethula ngokusemthethweni inkampani yakhe, iCartel 1020 uziqophe i-video ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ubuhlungu bakhe, waxolisa nakuLady Zamar ngobuhlungu amdlulisa kubona. 

Lo mculi obekhuluma okokuqala ngalolu daba emphakathini, uchaze ngokuqala kobudlelwano bakhe noLady Zamar, athe baqala ngo-2017. Uveze ukuthi obekubaxabanisa wukungabi naso isikhathi njengoba engumuntu ogxile kakhulu emculweni awenzayo. 

Uthe ngesikhathi eqala ukuthandana no-Lady Zamar, wamazisa ukuthi unentombi futhi waba ngumuntu okuqondayo. 

“Ngiyacabanga ukuthi okwamphatha kabi wazizwa ebukeleka phansi yile nto eyenzeka eSun Arena,” kusho uSjava ebalula isigameko lapho unina waveza isinqandamathe sikaSjava emcimbini owawubizwa nge-One Night With Sjava, owawuseSun Arena, ePretoria. 

Ngemuva kwalesi sigameko, abantu bababela ezinkundleni zokuxhumana besola uLady Zamar ngokujola nomuntu oshadile. 

USjava uthe uyaxolisa kuLady Zamar ngokumenza azizwe ngenye indlela nangokungamthandi ngendlela okwakumele amthande ngayo. Nakuba uSjava exolisile kuLady Zamar ngokungamthandi ngendlela okwakumele amthande ngayo kodwa uyichithile eyokumdlwengula. 

Uthe ngisho naye uLady Zamar uqobo, akakaze amtshele ukuthi wamenza wazizwa edlwengulwa. 

“Kangihlangani nento yokuhlukumeza, nasemicimbini enginandisa kuyona ngihlale ngihamba phambili ngokuxwayisa ngokuhlukumeza, kusukela ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane, izingane ngize ngibalule notshwala imbala, bangihleke abantu,” kusho uSjava. Kule video uphinde wakucacisa ukuthi akashadile futhi akakaze ashade empilweni yakhe. Lo mculi oseke wahlabana ngendondo yaphesheya kwezilwandle yeBET, uveze ukuthi selokhu kwasabalala izinsolo zokuthi wadlwengula uLady Zamar, uphila kabuhlungu. 

Uthe uselahlekelwe ngokuningi futhi waphuthelwa nayimicimbi eminingi.

 “Kangisebenzi, ngiyafunda emaphephandabeni kuthiwa ngikhishiwe la ngakhishwa laphaya, kodwa kangikaze nangelanga elilodwa ngaboshwa. Sengivela njengomuntu odlwengulayo,” kusho uSjava othi akasakwazi nokondla umndeni wakhe.

 Uthe walivula icala lokungcoliswa kwegama lakhe, kodwa akukho okwenzekayo, amaphoyisa useke wazama ukuxhumana nawo kodwa akayitholi impendulo eqondile. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uSjava usanda kuhoxiswa ekubeni yingxenye yomdlalo kamabonakude owuchungechunge, Uzalo ngenxa yazo izinsolo zokudlwengula kanti phambilini wahoxiswa kwi-Cape Town International Jazz Festival. 

Ethintwa uSjava, uthembise ukubuyela kuleli phephandaba  nenombolo yakhe yecala, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kulona.