USuthu nokhisimusi kubalandeli

238

UBenni ulufake kwi-top 8 ngomdlalo wakhe wokuqala

MFANAFUTHI NDLOVU

UMEMELA ujabule noMulenga uSuthu lunqoba iChippa. 

UBENNI McCarthy uqale ngonyawo oluhle kumaZulu FC ewafaka kwi-top 8 ngomdlalo wakhe wokuqala ehleli esigqikini sokulolonga le kilabhu ebekelwe umbandela wokusonga isizini ikwi-top 4.

USuthu luguqise iChippa United ngo-3-1 wamagoli ka-Augustine Mulenga ngomzuzu ka-23 nakaLuvuyo “Amigo” Memela ngoka-28 noka-55. EleChippa lize no-Isaac Nhlapo ngoka-13. 

USuthu lugijime ibhola elinenkosi phakathi kulo mdlalo kubhoke uMulenga, ogcine eqokwe njengomdlali wosuku, noSiphelele “Shaka” Mthe-mbu.

UMulenga uthi ukufika kuka-McCarthy kushintshe izinto eziningi njengoba ebakhululile ukwenza abakwaziyo ngebhola enkundleni. Uzwakalise nokujabula ngokushaya igoli lakhe lokuqala selokhu ejoyine uSuthu. Lo mgadli unconywe nguMcCarthy ngokuhlala elambele ukulwisana nezitobha ukuthola ibhola ukulibeka ezintanjeni.

UMcCarthy uthe: “Kuyajabulisa ukuvula ngamaphuzu amathathu. Isu lethu lisisebenzele kahle kakhulu njengoba besihlasela ngezimpondo ukuvulela abadlali bethu basenkabeni intuba yokugadulisa izitha. Sesiqalile siyatabuzela njengomntwana sibheke phezulu kwi-log.”

Lo mphumela ungase uxoshise uLehlohonolo Seema ongumqeqeshi weChippa, ovele wancoma ingcwenga yoSuthu emuva kwalo mdlalo.

“Kucacile kulo mdlalo ukuthi AmaZulu yiwona abezimisele ngokuqoqa amaphuzu agcwele ngaphezulu kwethu. Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo ngikubonile ukuthi sidonsa kanzima esiswini njengoba besihluleka ukubavala,” kusho uSeema.

* ISwallows FC ihlule iBlack Leopards ngo-2-1 koweligi izolo ntambama eThohoyandou Stadium, eVenda. Amagoli eSwallows ashaywe nguRuzaigh Gamildien noJoseph Mhlongo kwathi eleLeopards leza no-Onyedikachi Ononogbu.

* Isiyonke imiphumela yemidlalo yokusonga unyaka yeDStv Premiership imi kanje: AmaZulu 3, Chippa 1; Leopards 1, Swallows 2; Cape Town City 3, TS Galaxy 2; Chiefs 1, Celtic 1; Arrows 1, Sundowns 1; Baroka 1, SuperSport 3; Maritzburg 2, Stellenbosch 2.