Uyokhuthaza iBafana kwi-Afcon ungqongqoshe

23
Uzotheleka e-Egypt namuhla ngoMsombuluko

PHILANI NCALANE

UZOTHELEKA ekhempini yeBafana Bafana uNathi Mthe-thwa onguNgqongqo-she WezeMidlalo kuleli ukuyokhuthaza abadlali ngapha-mbi komdlalo omqoka walesi sikwati ne-Ivory Coast onamu-hla ngoMsombuluko ngo-16h30 e-Al-Salam Stadium, eCairo, e-Egypt.

UKwenzakwakhe Ngwenya ohola ithimba leBafana kwi-Afcon, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uMthe-thwa uzofika ukuzogqugquzela abadlali ukuze babe nomfutho wokunqoba lo mdlalo omqoka wokuvula kaGroup D.

Uzotheleka eCairo namuhla ngoMsombuluko ekuseni. UMthethwa uzowuhambela lo mdlalo. 

IBafana phakathi nesonto ivakashelwe nguPatrice Motsepe ongumnikazi weMamelodi Sundowns naye odlulise amazwi enkuthazo kubadlali. 

UMotsepe ukholelwa kakhulu ekutheni abantu balwele ukunqoba emikhakheni abakuyona, bangabi ngamavaka.

UMotsepe ubehambe ngo-kwebhizinisi kuleliya lizwe, wase enquma ukuhambela ikhempu yeBafana enabadlali bekilabhu yakhe eyizingqwele ze-Absa Premiership.

* Irekhodi leBafana kwi-Afcon limi kanje:-

* 1996: Yanqoba i-Afcon

* 1998: Yahlulwa kowama-nqamu

* 2000: Yalala isithathu

* 2002: Yahlulwa kuma-quarter final

* 2004: Yaphuma ekuseni

* 2006: Yaphuma ekuseni

* 2008: Yaphuma ekuseni

* 2010: Yehluleka ukungena

* 2012: Yehluleka ukungena

* 2013: Yahlulwa kuma-quarter final

* 2015: Yaphuma ekuseni

* 2017: Yehluleka ukungena