UKomphela uyamaniswa neMamelodi Sundowns

33
Iyaqina ekaMosimane nebuya kwiBafana

SENZO SOKHELA

UMENGAMELI weMame-lodi Sundowns, uPatri-ce Motsepe, kuputshuka izindaba zokuthi usecu-phe ngomqeqeshi omusha oke wasebenza kwiKaizer Chiefs nje-ngoba kuvela ukuthi angase ashiywe nguPitso “Jingles” Mosimane opheka ezakhe.

UMosimane usematheni kulezi zinsuku njengoba izingqapheli zebhola zifuna abuyele esigqikini sokulolonga iBafana Bafana.

Ikusasa likaStuart Baxter ongumqeqeshi weBafana liya-cikizela njengoba kuvela ukuthi abaphathi bakhe, iSafa kabasa-muzwisisi kahle. Kabeneme ngebhola elidlalwe yiBafana kwi-Afcon ezosongwa kusasa ngoLwesihlanu e-Egypt.

Leli phephandaba lithole ukuthi uMotsepe usenqumile ukuthi uma kuwukuthi uMosimane uyahamba, uzoshaya indesheni kwi-Lamontville Golden Arrows uku-ba imdedelele uSteve “Mphathi” Komphela oke walolonga iChiefs.

Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kwiDowns, uthe: “UMotsepe unovalo loku-thi uMosimane angase ahambe ngoba uyazi ukuthi unomsebenzi angawuqedanga kwiBafana, usa-fisa ukubuyela kuyona. Phela wazi kahle ukuthi njengoba uMosimane esenqobe konke ne-Downs, uyafisa ukubuyela kwi-Bafana. 

“UMotsepe nethimba lakhe kabazibekile phansi, babona uKomphela kunguyena onga-qhubeka uma kwenzeka eha-mba. Nokho konke kuzocaca emuva kokuba iSafa isicacisile ngekusasa likaBaxter kwiBafana.”

Imizamo yokuthola uTrott “Trapattoni” Moloto okuvela ukuthi nguyena onolwazi ngalolu daba, njengoba esebenza ehhovisi likaMotsepe, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belu-khala kodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.