Sitholwe sesonakele isidumbu sikathisha

148
Abasolwa babanjwe betetemuka ngemoto yakhe uthisha, balikhipha lonke iqiniso

NOMFUNDO NGWANE

BALAHLWE ngelakubo abasolwa ababili ababa-njwe ngamaphoyisa bete-temuka ngemoto kathisha okusolwa ukuthi bamdubule 

bambulala, bembamba inkunzi eNtumeni, eShowe, ngoLwesine.

Abasolwa ababili abaneminyaka ewu-18 no-21 ubudala, esiwago-dlile amagama abo baze bavele enkantolo – bakhalelwe ngamaso-ngo kaSigonyela eMatshana, eMpangeni.

Bebengazi nanyaka ingoma isho phezulu, bezicima ngezimbiza zikaFaro, behamba ngemoto kaMnu Vusumuzi Mlaba (60), okusolwa ukuthi bamdubule bambulala bembamba inkunzi. 

Kuthiwa omunye wabasolwa ongakabanjwa, obalekile ngesikhathi bebamba umufi inkunzi, ukhale ngokuthi kwaku-nguthisha wakhe futhi unguma-khelwane, uyamazi, wakhala ngokuthi uma bengambulali uzobabophisa, kungcono bacishe ubufakazi bambulale. 

Kuthiwa baqale bamkhiphisa imali yakhe ebhange, bamthumba ngaphambi kokumbulala. Kuthiwa uMnu Mlaba uphume kwakhe mhla ka-25 kuNtulikazi (July) eyothenga esitolo akaphindanga wabuya. 

Kuze kwatholakala isidumbu sakhe ngoLwesine sesiqala ukona-kala silahlwe ehlathini. Nakuba isidumbu size satholakala, kusize ukuba amaphoyisa alandele isiqo-phamkhondo (tracker), agcina ezithela kubasolwa bengazi 

nanyaka ukuthi lidumephi. 

Ngesikhathi esebabambile, kabazange belokhu benanaza, 

balikhiphe lonke iqiniso baze baveza nokuthi babengaqondile ukumbulala, bayalelwe yilo mngani wabo osagcwele amathafa ukuba bambulale. 

Kuthiwa baqede ukuhlanza lonke iqiniso babe sebeyokhombisa amaphoyisa lapho belahle khona isidumbu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi siga-meko, wathi amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngesigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka ewu-60. 

Uthi amaphoyisa asathungatha omunye umsolwa kulesi sigameko.

nomfundo@ilanganews.co.za