USuthu lukhala ngenkunzi

95
UJohnson othwele kanzima ubalisa ngephenathi abayincishiwe

SENZO SOKHELA

UKHALE ngokubanjwa inkunzi emini uCavin Johnson ongumqeqeshi wamaZulu FC asalokhu ephikwa yimiphumela emihle selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiership.

USuthu lushayane lwaze lwabukana nomkhaya iLamontville Golden Arrows kuba ngu-1-1 koweligi ngoMgqibelo ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngaphandle kwasePinetown. 

I-Arrows yiyona evule inkundla ngephenathi ebekwe enethini nguNduduzo “Sulu” Sibiya, noSuthu lwathola eyalo iphenathi eshaywe nguBongi Ntuli.

Nokho uSuthu bekufanele luthole enye iphenathi ebisobala lapho ibhola lishaye esandleni uSiyabonga Dube odlala emuva kwi-Arrows esebhokisini kodwa unondweba wazithulela. 

Ibhentshi loSuthu lisukume lachwaza kodwa unondweba nabasizi bakhe bangayingena. Nabalandeli bamemeze kwaze kwasha amazwi kwanhlanga zimuka nomoya.

UJohnson ukhalile ngokubanjwa inkunzi ngunondweba.

“Sincishwe enye iphenathi obekufanele siyinikwe ebizosisiza sithole amaphuzu amathathu. 

“Siyitholile enye kodwa nale enye eshaye esandleni somdlali we-Arrows bekufanele siyinikwe. Ukuba siwathole womabili amaphenathi besizowathola womathathu amaphuzu.

“Kodwa-ke sizothini, engingakusho nje wukubongela abadlali bami babe nesiwombe sesibili esihle. Esokuqala kube ngesabo, besingenzi lutho, uGladwin Shitolo simyekile wazicanasela. 

“Ngesesibili sidlale ngendlela eseqophelweni eliphezulu, konke sikwenza kahle. 

“Kuzofanele sikhohlwe yilo mdlalo siyolungiselela oweKaizer Chiefs nawo ozoba nzima,” kusho uJohnson.

USuthu luzodlala neChiefs ngoLwesibili lomhla ka-24 kwephezulu ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

USteve “Mphathi” Komphela ololonga i-Arrows, uthi ugculisekile ngephuzu abalitholile.

“Isiwombe sokuqala kube ngesethu, sisidlale kahle. Esesibili kube ngesabo, uguquko abalwenzile befaka uSphe Maduna lubasebenzele njengoba efike wawushintsha umdlalo. Ungumdlali omuhle. Kodwake ngigculisekile ngephuzu esilitholile yize besiwafuna ephelele,” kusho uKomphela.

* Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiership imi kanje:- Leopards 0, Baroka 2; Celtic 2, Stellenbosch 1; SuperSport 3, CT City 3; Chiefs 0,Polokwane 1; Pirates 2, Chippa 1; Arrows 1, AmaZulu FC 1.