Udutshulwe wafa phambi kwezingane

214
"Ushaywe ngentululwane yezinhlamvu eziwu-50"

NOMFUNDO NGWANE
noNONHLAKANIPHO SHINGA

KUKHONJISWE unya 

nesihluku oBonjaneni, eBergville, kudutshulwa kubulawa usomabhizinisi wesifazane nendodakazi yakhe, ngentululwane yezinhlamvu 

ezingaphezu kuka-50 phambi kwezinye izingane zakhe 

ngoMsombuluko ebusuku. 

UNkk Ntombi Ngcobo (53) (osesithombeni) nendodakazi yakhe, uNkz Mandisa Ngcobo (23), kuthiwa bahlaselwe ngabantu abangaziwa besesangweni beyongena emzini kaNkk Ngcobo. 

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Ngcobo onendawo yokulala izivakashi namatekisi, ubengusihlalo weBergville and District Taxi Association. Lesi sikhundla ubesesiphathe iminyaka ewu-3. 

ILANGA lithole ukuthi uNkk Ngcobo uphume kwakhe ehamba nezingane zakhe ezintathu, kukhona abebeyokuthenga esitolo, 

bengabantu abazosheshe babuye njengoba bekukhona izivakashi ebezikhona endaweni yakhe. 

Kuthiwa sebebuya, bazithele phezu kwababulali abebecuthe esangweni, okuthiwa ngesikhathi bengena kabazange bakhulume lutho, badedele inhlamvu bebhekise emotweni abebehamba ngayo. 

UNkk Ngcobo uthulele emotweni kwathi uNkz Ngcobo washona esendleleni esaphuthunyiswa esibhedlela. Ezinye izingane zikaNkk Ngcobo zilimale kanzima, kumanje ziyelashwa esibhedlela. 

ILANGA likhulume nomthombo osondelene nalesi simo, nawo onamatekisi kulo soseshini, othe kubashaqisile ukubulawa ngesihluku kukaNkk Ngcobo. 

“Ibuhlungu kakhulu le nto eyenzeke kule ntombazane, kumanje sisathukile ngoba besi-ngayilindele. 

“Ubengumuntu onesibindi ngoba kuke kwaba khona isikhathi lapho bezimnetha khona, engingasho ngingangabazi ukuthi ukube ubengenaso isibindi, ubengashiya phansi. 

“Okuxakayo wukuthi kwalesi sikhundla 

wayengafuni ukungena kusona, wanxenxwa ngabathile ukuba asithathe, bathembisa ukumeseka. Kubi kakhuluke ukuthi abulawe kanjena nenye yezingane zakhe, ingabe ibisingenaphi nje yona,” kusho lo mthombo. 

Uveze ukuthi eminyakeni 

emithathu eyedlule, uNkk Ngcobo unxenxwe ngabanye abakuwona lo soseshini ukuba abe ngusihlalo engafuni, kwazise ubesanda kushiya esikoleni njengoba ebenguthisha. “Nakhona ngesikhathi sekuzovotelwa abazongena 

ezikhundleni, samangala nje 

abantu sebenikezwa amaphepha anamagaba abantu abazovotelwa, okuyinto esasiqala ukuyibona. 

“Kuyasixaka-ke ukuthi sekwenzenjani njengoba usihlalo 

esehlaselwa kanzima kangaka ngoba nangonyaka odlule kuke kwasinda ngokulambisa isekela lakhe lidutshulwa,” kusho umthombo. Uthe uNkk Ngcobo ubemanatekisi amathathu, amabili ehamba emzileni walo soseshini, enye ithwala izivakashi. 

UMnu Skhumbuzo Madinane, ongunobhala kulo soseshini, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngalesi 

sigameko. “Ubengakaze asibikele ukuthi kukhona akusolayo, mhlawumbe noma ukungaphephi 

akucabangayo. 

“Le nto beyingalindelekile, isishaqisile njengososeshini. Ubengumuntu okhuthele, ewuthanda umsebenzi wakhe. Yonke imihlangano abebizelwa kuyona ubeyihamba ngaphandle kokuze afune imali kaphethiloli,” kusho uMnu Madinane. 

Uthe njengososeshini bazoyobhonga emswanini kwaNgcobo namuhla ngoLwesine futhi sebeyitholile nemibiko yokuthi uzofihlwa ngoMgqibelo. 

UNgqongqoshe  wezokuThutha, ukuVikelwa nokuXhumana 

koMphakathi, uMnu Bheki Ntuli, usole lesi simo wathi ukubulawa kowesifazane nengane yakhe ngalesi sihluku, kuwubulwane. 

“Kuyabonakala ukuthi laba abebedubula bebefuna ukuqinisekisa ukuthi bamshiya efile, okuyi-nto ekhombisayo ukuthi yenziwe ngabantu abangenabo nhlobo onembeza. Sibhekene nesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane, manje nasemkhakheni wamatekisi sekungena sona lesi sihlava,” kusho uMnu Ntuli esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.

 Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko  wathi kuvulwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala. Amaphoyisa asaphenya. Bekungakaboshwa muntu.

 futhi ayikaziwa imbangela yalesi sigameko.