Luhlabane ngabaxhasi abasha usuthu

122
ETHEKWINI

PHILANI NCALANE

AMAZULU FC athole abaxhasi abasha ngaphambi komdlalo omqoka we-Absa Premiership azowugijima neKaizer Chiefs ngoLwesibili ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

USuthu lwethule abakwaBarons VW njengabaxhasi abasha bezimoto. Le nkampani izinze eBluff eni-ngizimu yeTheku. 

AbakwaVW banike uSuthu iveni yohlobo lwe-Ama-rok nekhumbi. Le kilabhu isazothenga ezinye izimoto ngesaphulelo kule nkampani. 

UBrilliant Mkhathini wezokuxhumana oSuthwini, uthi lolu xhaso lufike kahle njengoba besemkhankasweni wokuzithintitha kwazise sekuphele imidlalo ewu-5 yo-kuvula isizini entsha bengakanqobi ngisho 

umdlalo owodwa. 

AmaZulu asanda kwethula uJosef Vukusic waseSlovakia njengomqeqeshi omusha. Uvala isikhala esivuleke kuxoshwa uCavin Johnson obecija le kilabhu. 

UMkhathini ubuye wakhumbuza abalandeli ngomhlangano omqoka ozokwandulela umdlalo wabo ne-Chiefs lapho bezoqoka khona ikomidi labalandeli. 

WINA AWOKUBUKA USUTHU NE-CHIEFS

Lo mhlangano uzoqala ngo-9 ekuseni eKing Zwelithini kanti ukuwuhambela kudingeka abalandeli bathenge amathikithi alo mdlalo baphinde babe nobulungu bale kilabhu. Abangenabo ubulungu bazojoyiniswa khona enkundleni ngo-R60.

ILANGA LangeSonto libambisene namaZulu FC baphisana ngamathikithi ahamba ngamabili kubafundi abanenhlanhla okubuka le kilabhu ibhekene neKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. 

Ukuzibeka ethubeni lokubuka bhusende lo mdlalo, ungathumela igama elithi: 

HEBE-KHOSI ku-49028.

 I-sms ibiza uR1,50 kanti abawi-nile bazothintwa ngocingo. Umncintiswano uvalwa kusasa ngo-12  emini.