Ezishaqisayo ngoGabuza benqoba iMTN8

100
Ushonelwe yindodana, wangaya emngcwabeni

SENZO SOKHELA

KUVELE okushaqisayo ngoThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ongumgadli weSuperSport United. 

ISuperSport ibe yizingqwele zeMTN8 iguqisa ngo-1-0 iHighlands Park kowamanqamu ngo-Mgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto.

Igoli elinqobise iSuperSport lo mqhudelwano livalelwe enethini nguBradley Grobler.

UGabuza uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo emuva kokushaya ingcwenga yebhola. 

Nokho emuva kwalo mdlalo umqeqeshi wakhe, uKaitano Tembo uveze izindaba ezishaqi-sayo ngalo mdlali kwabhocobala ikhempu yonke. 

Lo mqeqeshi uveze ukuthi uGabuza ugijima lo mdlalo nje, ngoMsombuluko ushonelwe yi-ndodana yafihlwa ngoLwesine kodwa akangaya ukuyoyifihla. 

“Ngizwa nje manje nami emuva komdlalo ukuthi uGabuza wehlelwe yilo mshophi ovele wangishaqisa ngaphelelwa ngamandla. 

“Konke lokho akwenzile ukwenze ngoba evikela ibheji yekilabhu. 

“Ushonelwe yindodana ngo-Msombuluko wangatshela muntu eqenjini. 

“Umngcwabo ube ngoLwesine, wangaya nalapho futhi wangatshela  muntu.  

“Usitshele ezindlini zokushintshela emuva komdlalo. 

“Uthi ubengafuni ikilabhu iphazamiseke, ubevikela yona. 

“Indlela enze ngayo ikhombisa ukuthi uzinikele kangakanani ekilabhini ukuthi angavelelwa yinto enjena kodwa adlale ngalolu hlobo adlale ngalo. 

“Le wini ngiyibhekisa kuyena, le nkomishi ngiyinika yena uyiqhawe,” kusho uTembo.

UGabuza ubonge u-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates enqoba le nkomishi.

Ujoyine iSuperSport ekuqaleni kwesizini esuka kwiPirates abesehlale iminyaka kuyona.

Usayine inkontileka yeminyaka emibili ngemuva kokunikezwa nguKhoza izibusiso zakhe ekutheni ajoyine le kilabhu.

UGabuza obehluleka nawukuzibamba yinjabulo, uthe: “Ngithanda ukubonga uKhoza ngoba nguyena ongilethe lapha kwiSuperSport.

“Abemaningi amakilabhu abengifuna kwiPSL kodwa yena wangikhethela iSuperSport.

“Bengiphatheke kabi ngoba be-ngingadlali kwiPirates wabe esengikhethela le kilabhu njengoba namhlanje ngiyingqwele yeMTN8.

“Ngiyamubonga kakhulu uKhoza,” kusho uGabuza.