Ishwa koweBafana

73
IBafana igijime ingcwenga iguqisa iMali

PHILANI NCALANE

KULOKHU kumlandele njalo ukulimala uKeagan Dolly oyisilomo seBafana Bafana ejabulise isizwe ihlula iMali ngo-2-1 koweNelson Mandela Challenge izolo ngeSonto ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

UDolly osekunesikhathi eside egcine ukubonakala kwiBafana, uphume ngesiwombe sokuqala ngemuva kokulimala. Lo mdlali uphuthwe nayithuba lokuya kwi-African Cup of Nations (Afcon) ezinyangeni ezimbalwa ezedlule e-Egypt ngenxa yakho belu ukulimala.

Amagoli okunqobe ngawo iBa-fana kulo mdlalo avalelwe ngu-Dean Furman ngomzuzu ka-24 kuyiphenathi edaleke kuwiswa uThulani Serero ebhokisini no-Themba Zwane olivalele ngomzu-zu ka-46. UZwane nguyena ongene endaweni kaDolly kulo mdlalo. EleMali lishaywe nguSekou Koita ngomzuzu ka-75.

Lo mdlalo bekungowokuqala iBafana iqhutshwa nguMolefi Ntseki ongene ezicathulweni zikaStuart Baxter oshiye ngemuva kwe-Afcon. Lo mdlalo ubuyi-ngxenye yamalungiselelo omdlalo omqoka wokuhlungela i-Afcon ezokuba ngo-2021 eCameroon. Kulo mdlalo wokuhlungela i-Afcon iBafana izodudulana neGhana ekuhambeni.

Abathandi bebhola kuleli bebekubheke ngabomvu ukuthi uzolivula kanjani ikhasi lakhe uNtseki kwiBafana. Babheme bakholwa njengoba igijime ingcwenga yebhola ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. UNtseki uthe akubonile kulo mdlalo wukuthi iBafana ithwala kanzima ukubhekana namabhola amade nokubhekana nabadlali abayizikhondlakhondla. Uthe weneme ngendlela abebehlasela ngayo nangendlela abebevale ngayo emuva. UFurman ugcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

IBafana iye kulo mdlalo sekuqinisekisiwe ukuthi ngeke besaba yingxenye yawo uThami Mkhize, uBrandon Petersen noBongani Zungu ngenxa yokuthinteka. UPercy Tau noLebogang Mothiba bebesebhentshini.