Udliwe yiChiefs waqhaqhazela

69
UMosimane uphinde eyokuhlomula kwezitha zakhe konondweba

PHILANI NCALANE

UDIDWE yisibhaxu wadinwa wathelwa ngamanzi uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns enenebulwe yiKaizer Chiefs ngo-2-0 emdlalweni we-Absa Premiership izolo ngeSonto nta-mbama eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane.

Amagoli eziMpofana avalelwe enethini nguSamir Nurkovic ngokwahlukana kweziwombe. Lo mgadli uhlohla la magoli nje, usehlale amasonto amathathu engadlali ngenxa yokulimala. UMosimane kuyiwe ekhefini edemelayisa ngemuva kokusola ukuthi igoli lokuqala leChiefs bekuyi-offside.

Ngemuva komdlalo akafunanga nokuzwa ukuthi abakwaSuperSport TV bebemtshela ukuthi kade enconywa ngu-Ernst Middendorp ololonga iChiefs. Uvele wathi uMiddendorp ungumqeqeshi onenhlanhla, futhi ikilabhu yakhe ihlale ihlomula ngamaphutha onondweba. Ubuze uCarol Tshabalala wakwaSuperSport TV ukuthi uyaphika yini ukuthi iChiefs ihlale ihlomula emaphutheni onondweba.

Kuthathe isikhathi uMosimane engapha-wuli ngomdlalo, kodwa ekhwela edilika kwiChiefs nakonondweba. UMiddendorp uthe uzoqinisekisa ukuthi abadlali bakhe kabakhukhumali ngokwehlula iSundowns ngoba banomdlalo omqoka ne-Orlando Pirates weTelkom Knockout ozokuba ngo-Mgqibelo eThekwini.

ISundowns ikhande inqwaba yamathuba kulo mdlalo, kodwa yangawasebenzisa. UMosimane uthe uyakwamukela ukuhlulwa ngoba ngisho iManchester City yase-England iyehlulwa.

Okunyuse kakhulu ushukela kuMosimane wukuthi iDowns ibiqala ukuthola induku selokhu kuqale isizini. Iye kulo mdlalo isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-17 ekubeni iziMpofana bezi-nawu-19. 

IDowns isele ngomdlalo owodwa kwi-Chiefs. IChiefs isizihola phambili ngamaphuzu awu-22 emidlalweni ewu-9, kanti iDowns isasendaweni yesibili ngamaphuzu awu-17 emidlalweni ewu-8.

Lo mdlalo kuhlehliswe isikhathi obekufanele uqale ngaso ngenxa yokuthi abalandeli abaningi bebengaka-ngeni enkundleni. Lo mdlalo ubusezingeni eliphezulu, futhi womabili la makilabhu abengenqeni ukuhlaselana.

IziMpofana zizokuya kwiBucs zihambela phezulu ngemuva kokuhlula iDowns. IBucs kayini-kwa lutho kulo mdlalo njengoba idlala ibhola elisezingeni elipha-nsi kulezi zinsuku, kanti ibuya endukwini ka-1-0 eyithole kwiStellebosch ngoMgqibelo.

Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiership imi kanje: Sundowns 0, Chiefs 2; Baroka FC 0, AmaZulu FC 1; Stellenbosch 1, Pirates 0; Arrows 2, Polokwane 1; Highlands 2, Chippa 0; SuperSport 2, Leopards 2; Cape Town City 0, Maritzburg 1.

* IBidvest Wits ihlule i-Ud Songo ngo-2-1 emdlalweni weCaf Confederations Cup izolo ntambama ekuhambeni kwathi iTS Galaxy yadliwa yi-Enyimba ngo-2-0.