Isixazululo enkingeni yokuvuza kweBucs

110
Ukholwa wukuthi uJustice Chabalala ongahlenga uMokwena

SENZO SOKHELA

UMLANDELI wokuqina we-Orlando Pirates uthi kayibethusi nakancane ifomu yeKaizer Chiefs kunalokho bazimisele ngokuyiqeda ukuqina.

IBucs izodlala neChiefs kwi-quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba seziqalile izinkulumo ngawo. 

Abalandeli beChiefs bazibona bezodlula kulo mdlalo kwazise isefomini. 

IChiefs iya kulo mdlalo nje, ihlule iMamelodi Sundowns ngo-2-0 koweligi ngoMgqibelo.

IBucs isadonsa kanzima njengoba iphikwa yimiphumela. Ihlulwe ngo-1-0 ngomakoti beligi iStelle-nbosch ngeledlule koweligi yanqoba iHighlands Park ngo-1-0 okha-lisayo ngoLwesibili eTembisa.

UJoy “Mama Joy” Chauke ongumlandeli wokuqina weBucs, uthi iChiefs ifike ekugcineni kulo mqhudelwano.

“Siyabezwa bekhuluma bethi bazozidlulela kithina. Okufanele bakwazi wukuthi kasiyona iSu-ndowns thina, ngeke basilokothe. 

“Ukuthi sihlulwe yiStellenbosch kakuchazi ukuthi sihlulwe yibona nabo bayazi bagcine ngo-2014 ukusehlula, leli rekhodi lisazoma kanjalo. 

“Kumnyama kubomvu lo mdlalo sizowunqoba, yisona sipho sethu sikaKhisimusi lesi kasinandaba nomdlalo weligi ngoba vele iligi iyi-marathon kodwa lona wona si-zophuma sijabule eMabhida,” kusho uMama Joy.

Ube esethumela umlayezo kuRhulani Mokwena ongumqe-qeshi weBucs obhinjelwa yizinto, nakubalandeli bale kilabhu.

“URhulani uhleli nomuntu okunguyena ongamsiza kule nki-nga abhekene nayo uJustice Chabalala. Sihlulwa kangaka nje yingoba udonga lwethu lwasemuva luyaxega. 

“Makafake uChabalala emuva izinkinga zethu zizoxazululeka. Bese ngicela kulabo balandeli abangenawo amathikithi ukuba bangasondeli enkundleni ngoba bazozithola sebethenga amathiki-thi angumbombayi bagcine ngoku-ngangeni enkundleni. 

“Kwabangenawo ngithi mabayobuka ikhonsathi kamaskandi ehle-lwe nguNgizwe Mchunu eseCu-rries Fountein kwazise umdlalo nalapho kuthiwa uzobe usakazwa. 

“Ngicela sifike ngesikhathi enkundleni ukugwema isimi-nyaminya bese futhi sikwamukela uma kukhona ohlulwayo. 

“Ngiyabacela abalandeli beChiefs uma sesibehlulile behlise imimoya bagoduke ngokuthula,” kusho uMama Joy.