UMSHAYELI OVELELE UJABULE NGENDONDO

228

SANDILE MAKHOBA

UMNU Nhlanhla Mbhele nendondo yakhe yokuba umshayeli ophambili.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

UBEHLEKA yedwa umshayeli wamatekisi waseLamontville egoduka nendondo nesigaxa semali esingeke sidalulwe ukumvikela emcimbini wokuklomelisa abashayeli abenza kahle, iMoja Cruze Drivers Awards, obuseDurban Exhibition Centre, eThekwini, ngeSonto.
UMnu Nhlanhla Mbhele (45) – oseneminyaka ewu-25 ekule ndima uklonyeliswe ngabeMoja Cruze emuva kokuba abanikazi bamatekisi bemqoke njengomshayeli ohamba phambili.
Lo mshayeli unqobe umklomelo womshayeli wenyanga amahlandla awu-8 kulo nyaka, okwenze waqokwa njengomshayeli ovelele wonyaka.
UMnu Ntuli uzifikele mathupha emahhovisi eLANGA ephethe indondo yakhe.
Uthi okumenze wahamba phambili wukuthi usenesipiliyoni kulo msebenzi, useyakwazi ukusebenza nabantu.
“Umsebenzi wokushayela itekisi usuphucuzekile, kawusafani nakuqala, kanjalo nathi kumele sibahloniphe abagibeli ngoba yibona abelungu bethu. Isibonelo nje, uma umuntu osethintile ezinkambeni enqaba ukukhokha, kasikho isidingo soku-lwa naye ngoba usuke umazi futhi uyazibonela ukuthi akayedwa, kumele umyeke umkhumbuze ngakusasa izikweletu zakhe,” kusho uMnu Ntuli.
Uyale ozakwabo ngokuthi bengagijimi emgwaqweni ngoba bejahe imali yesokisi.
“Izingozi kumele sizigweme thina ngoku-shayela kahle emgwaqweni. Uma ushayela kahle ugcina sewenza imali eningi ukudlula labo abagijimayo ngoba abantu balinda imoto yakho,” kusho yena.
Ubonge kakhulu uMasipala weTheku ngokubambisana nosomatekisi nenhlangano, iHlokomela, ngokuhlela lo mcimbi anqobe kuwona.
“Lokhu kuzokwenza ukuba bonke aba-ntu bashayele ngokuzimisela ngoba bazobona ukuthi ekugcineni kunomvuzo,” kusho uMnu Ntuli.
Utshele leli phephandaba ukuthi ngale mali ayitholile, umndeni wakhe uzoba noKhisimusi omnandi.