Usekubhaceni “obulale” inyanga

393
"Ngithe ngithi ngiyabubamba ubuntu bakhe, wagxuma bangiphunyuka"

THANDEKA NGOBESE

USEPHENDUKE umhambuma nezingane zakhe ezincane owesifazane waseMakhilimba, eShowe, osongelwa ngokuyiswa kwagoqanyawo wumndeni wenyanga okuthiwa uyiklabhe ngocelemba yafa inqunu kade izama ukumdlwengula ngabo-23h00 mhla ka-1 kuMasingana (January). UNkz Zandile Ntuli (49) okumanje usekubhaceni nezingane zakhe ezimbili eneminyaka ewu-12 neno-7 ubudala, uthi le nyanga yafika kwakhe yamkhomba ngommese elele nezingane. 

Echazela ILANGA ngokwenzeka ngosuku lwesigameko, uthi basebezumekile nezingane ngesikhathi ephaphama kunomuntu ophumputhayo, elokhu ebathintathinta 

embhedeni kuhle komuntu ofuna ukuthola ukuthi lo amfunayo ulele kuphi. 

“Kuthe uma isandla singithinta, ngethuka ngagxuma ngahlala ngezinqe embhedeni, wavele wangixhakathisa ethi ngingalinge ngimemeze, uma ngike ngamemeza uzosibulala sonke lapha endlini yena akazile kabi ufuna inkomo nje kuphela, angisheshise ngikhumule. 

“Wavele wangibamba ngengalo wangehlisa embhedeni, nakimi kwangavuma ukuba ngikhale, ngavele ngoma nje. Wangixhakathisa engikhiphela emnyango engikhombe ngommese, wangidonsela nga-sezihlahleni zikamango eziseku-pheleni kwegceke. Safika lapho wathi mangikhumule siqale umsebenzi. 

“Ummese ayengikhombe ngawo wawubuyisela esandleni sobunxe-le, waqala wakhumula esheshisa, wasala nqunu, maqede wangiyabula ingubo ethi masiqale umsebenzi,” kuchaza uNkz Ntuli. Uthi ngaleso sikhathi le nyanga yasondela kuyena yamfaka umunwe esithwe-ni sangasese, kwamcacela ukuthi akusekho okunye useyadlwengulwa ngempela.

 Uthi kwake kwamfikela ukuthi abaleke, kodwa lowo mqondo wawuphebeza ngoba esaba ukuthi umsolwamufi uzojikela ezinganeni azishiye zilele endlini. 

“Ngavele ngafikelwa wukuthi mangimlinde asondele ngomzimba wonke bese ngibamba ubuntu bakhe njengoba ubesenjengoba wayefika emhlabeni. Ngithe ngithi ngiyabubamba ubuntu bakhe, wagxuma bangiphunyuka. Ngabamba ummese ngithi ngifuna ukumphuca wona ngiwulahle esikhotheni ngoba ngizitshela ukuthi uma eqeda ukungidlwengula uzongibulala. 

“Sashikilishana ngalo mmese kwaba ngongaphansi nongaphezulu, wagcina enginqobile njengoba wangisika umunwe kwavuza igazi ngaze ngawuyeka, wavuka ngolaka wathi: ‘Uyalwa yini’, ngacela uxolo ngathi kangilwi wukuthi bengingakulungele lokhu azama ukukwenza, ngethukile. Ngamcela ukuba angivumele ngingene endlini ngithathe icansi noma ishidi ngindlale ngoba bekunodaka phansi.

 “Wangiqhuba ngaya endlini esangikhombe ngommese. Ngangena endlini yena wama phambi komnyango, nganyuka ngaya ngasemsamo, ngadonsa ucelemba ngawuhhuqa phansi ngithi ngiyemethusa ngithi uzobaleka wangabaleka,” ku-sho yena. Uthi wasondela kule nya-nga, yahlehla, kwayilapho ekwazi ukuphuma.

“Ngambiza sengiphethe ucele-mba, ngathi woza phela uzokwenza le nto ofuna ukuyenza sengimi ngawe, wathi: ‘Uyalwa yini?’ Ngambiza ngithi makeze phela, wasondela wadonsa iqhabanga elifushane leli eliphathwa yizangoma ethi ulitheza ekhanda, ngavika ngagoqana, lasha-ya ingalo waliphinda langishaya ehlombe ngasondela ngashaya ngocelemba. 

“Ngangingamnike thuba. Kukhona la ake wangibamba khona ezama ukungiphuca ucele-mba, kwaba ngongaphansi nongaphezulu saze sawa, wagcina esengaphezu kwami ngavele ngabona ukuthi ngafa la, nga-zabalaza nga-ze ngavuka, ngashaya ngocelemba. 

“Angazi ngishaye kangaki, ngimbone edlula wawa phambi kwami, waguqa ngamadolo, wahlaba ngekhanda phansi. 

“Angazi amandla angaka ngangiwathathaphi. Ummese ayewuphe-the wayelokhu ewuphethe, ngagijima ngayovusa izingane endlini, lokhu okudadlana kwathi kuqhamuka kwathi ‘yini mama ushaya inkonyane lenkomo yini,’ kubona eguqile lo muntu, ngathi ngumuntu obethi uzosidlwengula. 

“Yakhala ingane yathi ‘ma-ma ungambulali’, yabuya ingqondo. Ngamthinta ngabona enganyakazi ngabuyela endlini ngabheka umakhalekhukhwini, saphuma sabaleka nezingane saya kwamalumekazi. 

“Safika khona abafana bakhona babuyela ekhaya beyo-bheka, bamfica esaguqile ka-njalo, kwabizwa i-ambulensi yafika yathi ngeke isamthatha, useshonile. Abe-ambulensi ba-thi uma bemphendula, njengoba ikhanda lalibheke phansi, ngethuka ngoma sengibona ukuthi ngumfana wasendaweni engimaziyo oyinyanga esebenzayo, enamathwasa, mncane kimina cishe akakawuhlanganisi no-30 weminyaka,” kusho uNkz Ntuli. 

Uthi yena wathathwa yiyo le ambulensi yamyisa esibhedlela eMbongolwane wafika wathungwa base bemdedela. Esahleli emabhentshini elinde amaphoyisa, uthi wake wacabanga ngisho ukuzilengisa azibulale kodwa wabuya wazikhuza ecabangela izingane. Wathinta amaphoyisa afika ambhalisa isitatimende, ambuyisela kwakhe, kwabizwa nenduna. 

Uthi wacela emaphoyiseni nasenduneni ukuba bamphelezele aye emndenini kodwa induna yathi 

ngeke kulunge ngoba umndeni 

usadiniwe. 

“Induna yathi kungakuhle ngithi ukunyamalala nje endaweni ngoba nami kangiphephile. UMnu Sbheka Dlamini oyinduna yendawo, ukuqinisekisile ukuthi isigameko senzekile endaweni, wacela ukungapha-wuli. 

Okhulumela uMnyango wezo-kuThuthukiswa koMphakathi Kwa-Zulu-Natal, uMnu Mhlaba Memela, uthe ubengakaluzwa lolu daba waxhumana nomqondisi wehhovisi lomnyango ngalapho uNkz Ntuli ebhace khona. Makhathaleni, ubu-yele kwiLANGA wathi bazongene-lela ngokumtholela indawo okwesikhashana  engaphansi kohlelo lweShelter of the Abused Women. 

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala,  uthi kuvulwe icala lokuzama ukudlwengula nophenyo ngokufa komuntu. Akekho osaboshiwe. thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Engikufisayo wukuthola indawo engingahlala kuyona nezingane, ngikwazi nokuyolanda izinkomo zami ekhaya nezimpahla zami nabantwana bakwazi ukuya esikoleni,” kuzikhalela uNkz Ntuli.  “Sekukuningi ukukhuluma okukhona la, namanga amaningi ngicela ukungakhulumi lutho,” kusho yena.

 Uthe bazobheka nezingane ukuthi zingakanani, zizokwazi yini ukuhlala naye noma bazozizamela enye indawo. Bazophinde baxhumane namaphoyisa ukuze aphelezele uNkz Ntuli ayolanda izimpahla zakhe namaphephamvume esezikoleni.