Yingwe nengonyama koweBucs neDowns

191

Iyamkhathaza eyokucwila kwePirates ngesiwombe sesibili

SENZO SOKHELA

USIBUSISO Vilakazi ujabule waze waxhawula uPitso Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns le kilabhu ihlula i-USM Alger yase-Algeria emdlalweni kaGroup C weCaf Champions League ngoMgqibelo eTshwane.
Esithombeni esingakwesokudla ngumqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer ezakhe ezizobhekana neDowns koweligi ngoLwesithathu eGoli.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SEKUQALILE ukuntwela ezansi kumqeqeshi we-Orlando Pirates ezovovana inkani neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.
IBucs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba ikhombisa ukuba sefomini. Iguqise iPolokwane City ngo-4-1 koweligi ngeledlule ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UJosef Zinnbauer ololonga iBucs, uthi nakuba ezakhe seziqalile ukungena egiyeni alifunayo kodwa unovalo ngeDowns njengoba kwayona isefomini. Ukhala ngokwehlelwa yifomu kwezakhe ngesiwombe sesibili akubona kungase kubaqhathe neSundowns engagayelwa mphako.
“Nakuba kukuningi engisakufunda ngebhola lakuleli kodwa esengikubonile wukuthi kayikho ikilabhu elula, wonke anzima. Nokho ukunqoba kwethu umdlalo wePolokwane ngaleya ndlela kubuyise ukuzethemba.
“Yize kunjalo, iqiniso wukuthi nginovalo oluncane njengoba siya kulo mdlalo weSundowns kwazise sisanenkinga yokucwila ngesiwombe sesibili.
“Uma uzodlala kanjalo (ubuye ucwile) ekubeni ubhekene nekilabhu enjengeSundowns usuke uzokuba nenkinga. Kodwa-ke sizoba nalo isu lokubabamba futhi lokho kangikungabazi,” kusho uZinnbauer odabuka eGermany.
Uthi okumjabulisayo wukuthi abadlali bakhe sebeqalile ukungena egiyeni alifunayo.
“Indlela engifuna badlale ngayo sebeqalile ukuyiqonda. Cishe emuva kwemidlalo embalwa bazobe sebekuqonda kahle engikufuna kubona,” kusho uZinnbauer.
UPitso “Jingles” Mosimane ololonga iDowns, uthi lo mdlalo uzokuba nzima.
“Ngiyazwelana nabadlali bami ngoba isikhathi sokuphumula kabasitholi. Buka nje besidlala iChampions League (ngoMgqibelo), manje sesiya emdlalweni onzima (ngoLwesithathu).
“Siyobhekana nabantu osekunezinsuku (eziningi) bephumule, thina simatasa sehla senyuka. Kodwa-ke kangizami ukubeka izaba, lo mdlalo uzofika siwulungele. Phela sinabadlali abaningi kabi futhi abaseqophelweni eliphezulu,” kusho uMosimane. senzos@ila-nganews.co.za