Ababefunda eMangosuthu babonge uShenge “ngokuqashwa”

803

MTHOBISI SITHOLE

AKHANYISWE nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme amakhandlela kukhunjulwa uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi namhlanje ngoLwesine. Inhlangano yezitshudeni iSadesmo (edlelana ne-IFP), ikhumbule uShenge eTswane University of Technology (TUT) namhlanje kusihlwa, kanti naseMangosuthu University of Technology (MUT), bekunenkonzo yesikhumbuzo sakhe. Le nyuvesi yasungulwa nguyena uMntwana waKwaPhindangene. Ubongwe yizifundiswa – ezathweswa iziqu eMUT – eseziqashwe ezinkampanini ezahlukene ngenxa yemisebenzi yakhe yokwakha lesi sikhungo ngemali ayeyithole kubahlobo bakhe, okubalwa kubo noMNU herry Oppenheimer (ongasekho). Kuvezwe ukuthi le nyuvesi wayisungula ngoba enzela abantu abamnyama kwazise i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) yayigcwele abamhlophe kanti iML Sultan Technicon yayinamakhaladi namaNdiya. Abampisholo babengazitholi kalula izikhala zokufunda kulezi zikhungo. I-MUT ithe izitshudeni ezifuna ukuhambela inkonzo yokutshalwa kukaShnege, ezobe isePrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, zihlelelwe amabhasi amahhala.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAbakamaskandi babhonge emswaneni ngokukhothama kukaShenge
Next articleUkube uShenge uyi-tournament, ngabe uyiWorld Cup