Ababulali bakhuthuze izidumbu zabakhongi bashaqa imali yelobolo

428

NONHLAKANIPHO SHINGA

IKHUTHUZE izidumbu, yashaqa imali yelobolo imigulukudu edubule yabulala izelamani ezimbili zisakhuleka ekhweni lomfowabo abeziyomkhongela ngoMgqibelo KwaGudlucingo, eHlokozi, eHighflats.
ILANGA lihambele umndeni kaMnu Thandokuhle Dlamini (38) noMnu Mzwandile Dlamini (44) (abasesithombeni) , abebeyolobolela umfowabo emndenini wakwaHlongwa, khona kulesi sigodi.

Amalungu omndeni athi athole ucingo obeluthi abakhongi sebedutshuliwe babulawa. “Bekungakapheli nemizuzu ewu-30 bephumile ekhaya, kwabe sekungena lolu cingo. Sishiye phansi yonke into, saphuthuma khona,” kusho uMnu Bongani Dlamini, okubulawe abafowabo abebeyomlobolela.

Kuvela ukuthi ngaphambi kokuba kufike abakhongi ngakubo kamakoti, kubonakale amaVW Polo amabili abelokhu ehla enyuka, enabesilisa abawu-8 abebegqoke amasudi.
“Kuthiwa bathe besamile emgwaqweni, besakhuleka, kwaqhamuka la maPolo, kwehla amadoda awu-8 abehlomile, abadubula bashonela khona lapho,” kusho uDlamini.
ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokushaywa ngentululwane yezinhlamvu kwabakhongi, izigebengu zibakhuthuzile, zathatha imali abebeyolobola ngayo.

Lo mndeni uthi nawo kawazi ukuthi laba babulawelweni. Kube muncu ngesikhathi abakubo kamakoti befika izolo ngeSonto, beyohlanganisa amehlo nabalingani babo. Yize kungasaqhutshekwanga, kodwa umndeni wakwaDlamini ukuqinisekisile ukuthi uma sekudlule konke, kuzoba nosuku olusha baqhubeke nokuhambisa ilobolo kwaHlongwa.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba likuvezile ukuthi amaphoyisa aseHighflats aphenya ngokubulawa kwalezi zelamani. Lithe kuningi okuzolandelelwa ngoba umndeni wakwaDlamini usemabhizinisini, kakuqondakali noma kunombango omayelana nawo noma kukhona okungale kwalokho, kodwa amaphoyisa ayaphenya.

Previous articleI-Downs nezinhlelo ngabadlali bayo abawumgogodla
Next articleAmaphoyisa enza umsebenzi omuhle phezu kwengcindezi yezifundiswa