Abaculi bazimisele ukulubeka kwelinye izinga ubumbano ngonobhutshuzwayo

197

MTHOBISI SITHOLE

BAZIMISELE ngokulubeka kwelinye izinga ubumbano endimeni yomculo ngokusebenzisa imidlalo yabo  ngokwemikhakha kwezinhlobo zomculo abaculi baKwaZulu-Natal. Lokhu kuvezwe ngumculi kamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose noSiyabonga “Big Zulu” Nene ngesikhathi bekhuluma neLANGA ngeJAMMIN2SOCCER Tournament abazokuba nayo mhla ka-21 kuNtulikazi (July) eTsakane Stadium, eGoli.

UBig Zulu uthi umoya wobunye emacikweni wenza nabalandeli bawo babe nokubekezelelana, kugwemeke izimpi ezidalwa wumculo. “Le midlalo yamukeleka kahle esizweni ngesikhathi siyiqala. kunabafowethu esiqale nabo, kodwa abangasekho emhlabeni, okubalwa kubona u-AKA noRiky Rick. Ukubambisana kubaluleke kakhulu,” kusho uBig Zulu.

Utshele ILANGA ukuthi sebeqalile ukuzilolonga kanti umdlalo wabo wokuqala uzokube uphakathi kwabaculi be-hip hop nabakamaskandi. 

UKhuzani uthi okumjabulisa kakhulu wukuthi lo mdlalo uzosakazwa bukhoma kwaSABC 1. Uthi kuzosakazwa abazoya kowamanqamu kuphela. Uveze nokuthi nyakenye iSABC umdlalo yawusakaza ekhasini layo leFacebook, yabaxhasa nangokubanika ama-interview.

Lo mqhudelwano ubophele iqembu le-hip hop, ele-gospel, umaskandi ne-kwaito. U-Dumi Mkokstad uzobe ehola eze-gospel, omaskandi nguKhuzani, i-kwaito uDj Tira kanti i-hip hop nguBig Zulu. 

Amathikithi aseqalile ukutholakala e-computickets naseTicketPro ngo-R50.

mthobisis@ilanga-news.co.za

Previous articleUngqongqoshe omusha uzimisele ngokulwa “nokuthengiswa” kwezikhala zothisha
Next articleI-NFP ifunga ngokuhlwitha uMasipala waseZululand kwi-IFP