MZWAMANDLA ZONDI
BAKHALA ngesenzo seComrades Marathon Association (CMA) abagijimi balo mjaho ngenxa yokungaphumeli obala ngokuthi kuzokwenzekani ngomjaho wabo wanonyaka ozokuba mhla ka-14 kuNhlangulana (June) usukela eMgungundlovu usongwe eThekwini.
Abasubathi bakhala ngabadidiyeli balo mjaho kulandela ukumiswa kwemidlalo eminingi emhlabeni ngenxa yokuhlasela kwe-coronavirus.
Ukuhlasela kwalo mkhuhlane kuholele ekutheni kumiswe yonke into eNingizimu Afrika izinsuku eziwu-21.
Ukumiswa kwezinto kuleli kuholele ekutheni uMnyango wezeMidlalo ukhiphe isamba sika-R150 million ukusiza bonke abadlali nabaculi imidlalo yabo ebhuntshile nehlehlisiwe.
Kuthiwa abadlali abazothola lesi sinxephezelo kufanele bathumele imininingwane eqinisekisa ukuthi bebeyingxenye yaleyo midlalo ebhuntshile noma ehlehlile futhi nezincwadi zabo zentela ziqonde.
Ngenxa yokuhlasela kwalo mkhuhlane kuphoqe ukuba uMnyango WezeMidlalo ukhiphe le mali engenhla ukunxephezela abadlali nabaculi.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuze kube yimanje abeComrades Marathon abakaphumeli obala ngokuthi umjaho wabo bayawuhlehlisa noma uyamiswa.
UXolani Mabhida oqeqesha uBongumusa Mthembu, obebhekwe ngabomvu ukuba avikele isicoco sakhe seTwo Oceans, nabanye abasubathi abaningi, uthi le nto eyenziwa yiComrades Marathon izobaphazamisa.
“Siyasijabulela isinxephezelo esikhishiwe. Lokho kuzosisiza kakhulu kwazise besesifake imali eningi sizilungiselela le mijaho.
“Okubuhlungu wukuthi kuzovalwa ukuthumela imininingwane singakaphumi isinqumo ngeComrades. Le mali ikhishwa nje, abeComrades Marathon abakasithathi isinqumo ngomjaho wabo. Lokhu kuzokwenza ukuba singakwazi ukufaka isicelo sayo.
“Sicabanga ukuyibhalela incwadi ukuze iphumele obala ngomjaho wayo. Uma kungenjalo yithina esizolahlekelwa ngoba sisebenzise eningi imali sizilungiselela lo mjaho. Besicela ukuba isho into eyodwa njengeminye imijaho esihlehlisiwe eminye yamiswa,” kusho uMabhida.
Omunye osihlabile isenzo se-CMA nguThami Mchunu onguMengameli weKwaZulu-Natal Sports Confederation. Uthi kuzokwenza ukuba abadlali bangakwazi ukufaka isicelo ngayo njengoba singathathiwe isinqumo ngayo.
Abadlali okuthiwa bazothola lolu sizo yilabo abasethubeni lokubuya nezindondo emidlalweni yomhlaba nasebeke bamela isifundazwe. Abanye okuthiwa bazohlomula yilabo abake bamela izifundazwe.
Leli phephandaba lithole ukuthi izifundazwe zonke zifake imali elinganiselwa ku-9 million kulolu hlelo lokusiza abadlali nabaculi.
UMchunu uthi bayaxhumana nabadlali besifundazwe ukuba babasize ukufaka izicelo kulolu xhaso. I-CMA yalile ukuphawula, izeseka ngokuthi zonke izitatimende kumele zikhishwe yi-ASA.
Kuthiwa abadlali bangathumela izicelo zabo kwi-website ethi: DSAC.covid19@dac.gov.za.
I-Athletics South Africa (ASA) icela abasubathi ukuba bathumele imininingwane yabo namuhla ngoMsombuluko kuRichard Stander kwi-email ethi: ceo@athleticssa.net noma uHezekiel Sepeng kwethi: hezekiel@athleticssa.co.za noma kwi-email ethi: streetathletics8@gmail.com.