Abahlala ehostela bakhala ngokudayiswa kwalo bengaziswanga

326

Kuthiwa sekuzoba yindawo yokuhlala abafundi baseNdumiso

SEKUQUBUKE izinkinga ehostela iTehuis, eMgungundlovu njengoba kuvela ukuthi likweleta u-R60 million kagesi kanti abahlala khona bathi ladayiselwa iDUT bengatshelwanga.

TSEPO MOLEFE
SEKUQUBUKE izi-nkinga ngehostela iTehuis eMbali, eMgungundlovu ebeliphethwe yi-Transnet kodwa egcine ilidayisele iDurban University of Technology (DUT) njengoba abantu abahlala khona bethi lesi sivumelwano senziwe bengazi kwazise bona bazi ukuthi amagumbi amahostela ngawabo kanti kumanje kuthiwa likweleta i-Eskom u-R60 million kagesi, osekwenze wanqanyulwa. UMnu Zazi Nxele okhulumela iHhovisi leMeya yaseMsunduzi, uthe umasipala wabo usemkhankasweni wokuqoqa izikweletu zamanzi nogesi emakhasimendeni abo. Uthe ngokwemininingwane yabo ngesikweletu saseTehuis ngabaseDUT okulindeleke ukuba bakhokhe ngoba isakhiwo sivela njengesibhaliswe phansi kwabo.


Ekhuluma neLANGA uMnu Mashayina Memela othi usehlale kuleli hostela kusukela ngo-1981 liqeda ukwakhiwa uthe kuyabaxaka okokukweleta kwabo i-Eskom ngoba ngo-1994 kwafika imenenja yaseSpoornet (Trasnet) eyayibheke ihostela, uNkk Cornelia Mthembu, ihamba nenkampani ezimele beyofakelwa izigubhu zikagesi wekhadi ezindlini zabo. Uthe bayalelwa ukuthi ugesi bazowuthenga ehhovisi elingaphakathi ehostela, ngeke bawuthole kwezinye izindawo ngoba uhlukile. “Selokhu sawusebenzisa kudala ugesi wekhadi ezindlini zethu kasikweleti muntu. Ngo-2021 kusaba-lale izindaba zokuthi ihostela seli-thengwe ngabaseDUT, sekuzoba yindawo yokuhlala abafundi base-Ndumiso.


“Kusukela lapho, kube sekuqala izinkinga okuthe ngasekupheleni konyaka odlule, kwafika izisebenzi zikaMasipala waseMsunduzi zanqamula amanzi zithi sikweleta u-R16 million, phezu kokuba sixakwe yisikweletu sase-Eskom. Sanikela kuyena uNkk Mthembu ukuzwa ngokuqhubekayo ngehostela, wangena ezintangeni. “Mina ngaqashwa kwaloliwe ngo-1976 okwathi ngo-1982, abaphathi basibiza saba nomhlangano nabo, basitshela ukuthi bafuna ukusakhela ihostela. Kwathiwa sizokhokha u-R500 umuntu ngamunye, ukuze izindlu kube ngezethu ngokusemthethweni uma sesihlale kuzona iminyaka engaphezulu kwewu-25. “Ngesikhathi kwakhiwa leli hostela, ngangihola u-R40, ngibanjelwa u-R10, waze wahlangana lo R500 owawushiwo. Sinamaphepha obunikazi baleli hostela, kuyasixaka ukudayiswa kwalo kungaxhu-nywananga nathi.

Sesikhathazwa nayilezi zikweletu eseziqhamuka transnet, lathengwa ngabaseDUT ngo-2021. Uthe lokho kwenziwa kahle, baziswa bonke abahlala kulona. “Saba nemihlangano eminingi nekomidi labahlali basehostela nabaseDUT, bachazelwa ngabanikazi abasha behostela. Ihostela selenganyelwe ngabaseDUT, thina sesaphuma kulona, konke okwenzeka khona sekuwela kubanikazi abasha,” kusho uNkk Mthembu. Okhulumela i-Eskom KwaZulu-Natal, uNkz Joyce Zingoni, uthe uzoxhumana nezisebenzi zabo ukuzwa kahle ngalesi sikweleti sika R60 million esiholele ekunqanyulweni kukagesi ehostela. UNkz Simangele Zuma osemnyangweni wezokuxhumana eDUT, ucele ukunikezwa isikhathi esanele ukuze baqinisekise ukuthi ngobani okulindeleke ukuba bakhokhele izikweletu zasehostela. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba zingabuyile izimpendulo.

Previous articleUZANELE ‘UZOLAWULWA YINKONTILEKA’ OHLELWENI LWEZENKOLO OKHOZINI
Next articleKUPHAZAMISE UBUHIXIHIXI BEMISINDO ECALENI LOWAYEYIMEYA YETHEKU