UMLANDO: MENZI JELE
KULE ngosi ngale nyanga sibheka izibongo zabaMbo. Isizathu salokhu yingoba yisona sigaba sokuqala lesi esafudukela eningizimu ne-Afrika, sisuka enkabazwe. Ezinye izigaba zabeNguni ngamaLala, amaNtungwa, amaDebe, amaThonga namaNhlenga. Sizocwaninga sibhale nangazo. Namuhla sibheka imvelaphi nomlando wabantu bakwaBhengu.
Into eyenza abakwaBhengu bakhozwe esizweni samaZulu wukuthi bakhonza eSilweni uShaka ngesikhathi sihlanganisa izizwe, kabalwanga naso. AbakwaBhengu bawuzalo lweNkosi uDlamini II, ezala oDlamini baseNatal, ngoba uDlamini I (uNyambane) uzalo lwakhe lwasala KwaManzini, eSwazini. AbakwaBhengu bawuzalo lukaNgcolosi, kaDlamini II, yena ozale uShongololo.
BAXOSHELWA UKUGANGA KODLAMINI
Ezizweni zabeNguni kwakunomkhuba wokuthi uma umndeni usumkhulu, abafana bakhona bagcine sebehlobonga (belala) nodadewabo. Abanye babegcina sebeganana nabo odadewabo. Kwenzekile eLangeni (kwaMhlongo), abafana bakhona “bagwaza” ekhaya, baxoshwa wumndeni, kwagcina sekuthiwa ngabakwaMagwaza. KwaMkhize, uMadlebe ‘wabhida’ ekhaya, walala, waze waganwa ngudadewabo, kwathiwa sekungabakwaMabhida.
USOLWAZI Sibusiso Bhengu owaba ngungqongqoshe wezemfundo wokuqala eNingizimu Afrika yentando yeningi.
Nakhona kwaDlamini, kwaba yiso leso. Umnumzane wakhona, uDlabazane, amadodana akhe ayenomkhuba ‘wokungcweka’ nodadewabo, babanjwa ukuthi sekunesikhathi benza lo mkhuba. Kwabizwa imbizo yomndeni, kwathiwa makukhonjwe bonke abafana abalala nodadewabo. Nebala kwaba njalo. Labo okwatholakala ukuthi bagila lo mkhuba, badingiswa. Kwathiwa bangaphinde bazibize ngokuthi bangabakwaDlamini, mabazibize ngokuthi ngabakwaBhengu ngoba ‘bebhenguze’ phezu kodadewabo.
ABAKWABHENGU SEBEYAZIMELA
Bahamba bewumshungu bafika bazinza phakathi koMfula uThukela noMngeni. Kabaphumanga behambaze kubo (kwaDlamini), banikwa umphako wendlela, izinkomo ukuze bangalambi endleleni. Ngesikhathi befika kuleya ndawo, base beyisizwe nabantu abakhelana nabo babona abantu. abakwaBhengu kabazange bachaze ukuthi baphume kanjani kwaDlamini. Ngaleso sikhathi iSilo uShaka sasihlalise kabi abaThembu namaChunu, sibahlasela.
UNICHOLAS Bhengu owayengumfundisi owasungula i-Africa Back to God Crusade ngeminyaka yop-1950.
Lezi kwakuyizizwe ezazakhelene nabakwaBhengu. Babona abakwaBhengu ukuthi uShaka uza ngolaka, bazinikela kuyena, bakhonza embusweni wakhe. Ngaleso sikhathi babuswa nguMmepho kaNgwane kaLamula.
ISILO UDINGANE SIHLAKAZA ABAKWABHENGU
Ngenxa yokuthi abakwaBhengu basebengabangani futhi bengamabutho eSilo uShaka, uDingane ngesikhathi ethatha izintambo zombuso, wahlasela wonke amaqhawe nabaholi bezizwe ezazingabangani bakaShaka. UZihlandlo wakwaMkhize, uMagaye wakwaCele, uDube kaSilwane Ngcobo bangezinye zezingwazi zeLembe ezabulawa yiSilo uDingane, siyalelwe nguMntwana uMkabayi kaJama.
KWESOBUNXELE nguMakhosonke Bhengu owayedlalela i-Orlando Pirates kanti kwesokudla nguPhumelele “Ace” Bhengu wodumo kwiMoroka Swallows (engasekho)
AbakwaBhengu kabaphunyukanga olakeni lweSilo uDingane ngoba sabulala umholi wabo, uNkungu kaMmepho. Amabutho kaDingane ambulala amphonsa emfuleni uThukela. Isenzo sikaDingane sokubulala iNkosi yakwaBhengu, sawuhlakaza umndeni. Enye ingxenye yafuduka yayokwakha ezweni lamaQadi phesheya koMngeni ngoba nawo ayebulawelwe inkosi yawo uDube kaSilwane, uyise kaDabeka Ngcobo. AbakwaBhengu abafika emaQadini bakha umuzi waseKupheleni, kwathi laba abasala KwaNtunjambili (eKranskop,) basala nomuzi waseNyambeni.
ABAKWANGCOLOSI, BABA YISIZWE ESIKHUTHELE NESITHANDA IMFUNDO
Esizweni sakwaNgcolosi (kwaBhengu) kwaNtunjambili, kwafika amaJalimane eBandla lamaLuthela, acela ukushumayela ivangeli. Isizwe sakwaNgcolosi sawanika indawo, akha imishini nesibhedlela. Ngenxa yokuthi abakwaNgcolosi basebakhethe iNkolo yobuKrestu, izingane zakhona kwakuphoqelekile ukuba zisonte futhi zifunde ezikoleni zakhona.
UNAIMA Kay enandisa esikhungweni sezobuciko, iWushwini Pan Art Centre esisendaweni yoBhengu, KwaNgcolosi.
ISIKHUNGO sezobuciko, NabakwaNgcolosi eHillcrest, (emaQadini) baba ngamaKrestu. Inkosikazi yeNkosi u-Albert Luthuli – eyahola i-African National Congress (ANC) kusukela ngo-1952, kwaze kwaba ngo-1967 – uNkk Nokukhanya Luthuli, yayinguMaBhengu, izalwa kuyona le ndlu yaseKupheleni. Endlini yakwaNgcolosi eHillcrest, iNkosi uDlongolo izale iNkosi uVika, yona yazala iNkosi uDinabakubo, ezale inkosi ephethe kwaNgcolosi njengamanje, iNkosi uBhekisisa Felix Bhengu.
INkosi uBhekisisa ingenye yamakhosi anesipiliyoni sokuphatha KwaZulu-Natal. Yathatha izintambo zombuso ngo-1985, yake waba ngusihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, yaba yilungu lendlu kuzwelonke. Endaweni yeNkosi uBhengu kunesikhungo samaciko iWushwini, esihlale siphithizela.
INDLU YAKWANTUNJAMBILI
Kule ndlu kuphethe iNkosi uNkosikhona engusihlalo wendlu yabaholi bomdabu esifundeni iLembe. Yinkosi esencane lena, kodwa ehlonishwa ngokukhalipha nokukhuthalela intuthuko esifundeni iLembe. Kule ndlu, iNkosi uHlangabeza yazala iNkosi uMathole, yona ezale iNkosi uHluphizwe, ezale uVusumuzi ohambe emhlabeni engenayo inkosana.
UNKANYISO Bhengu ongumculi nomethuli wezinhlelo.
Umndeni nesizwe bahlangana babeka umfowabo omncane, uNkosikhona waba yinkosi yesizwe. AbakwaJali, abakwaDlongolo yizibongo eziphuma kwaBhengu, futhi bahlobene nabakwaLuthuli.
UMA BETHAKAZELWA KUTHIWA
Bhengu, Ngcolosi, Dlabazana, Shongololo, Mmepho, Ngwane. Onyawo zigezwa ngamazolo.
IMITHOMBO ESETSHENZISIZWE
– EMgungundlovu kunama-Archives, esifundazwe kuwona ukhona umlando wakwaBhengu.
– INkosi uBhekisisa Felix Bhengu nezinduna zayo KwaHlahlindlela, banawo umlando wakwaBhengu.
– uMagema M Fuze uwuhlangani-se nowendabuko yabaMbo encwadini ethi, ‘Abantu abamnyama lapho bedabuka khona’.