AbakwaCastle Lager banikelela i-corona

917

Bakhiphe u-R7 million namaSanitizer

MZWAMANDLA ZONDI

ABAKWACASTLE Lager okungabaxhasi bamakilabhu esizwe aseNingizimu Afrika okuyiBafana Bafana, iSpringbok nekhilikithi bakhiphe isamba sika-R7 million sokusiza isikhwama sikaMengameli wezwe iSolidarity Fund. 

Lesi sikhwama simenyezelwe uMengameli uCryil Ramaphosa ngesikhathi ethatha isinqumo sokumisa yonke into ezweni kulandela ukuhlasela kwe-coronavirus emise kabi umhlaba wonke. Lesi sikhwama ngesokusiza isizwe esizophazamiseka ngenxa yo-coronavirus

Amazwe amaningi amise zonke izinto ngenxa yokuhlasela kwalolu bhubhane lo mkhuhlane kanti namaqembu esizwe nawo awadlali. Aphoqeleke ukuba ayihlehlise yonke imidlalo yawo kanti akukho midlalo eqhubekayo ezweni nasemhlabeni wonkana kwazise lesi sifo sithelelena kalula. 

AbaSouth African Breweries (SAB) abenza iCastle Lager bathe bazokhipha u-R7 million wokusiza esikhwameni sikaMengameli baphinde bakhiqize amaSanitizer ukulekelela uhulumeni ukulwa naleli gciwane.  

UVaughan Croeser (osesithombeni) oyiMarketing Director yakwaCastle Lager uthe: “Sinikele ngamali elinganiselwa ku-7 million ukusiza kwiSolidarity Fund esungulwe nguMengemeli wezwe ukuze sikwazi ukusiza ekulekeleleni njengoba izwe lihlaselwa umashayabhuqe iCovid-19. 

“Njengoba amaqembu esiwesekayo engadlali okuyiBafana Bafana, AmaBhokobhoko nelekhilikithi sesineqembu elisha okungabahlengikazi, amaphoyisa, amasosha. Sakhe ama-Sanitizer angu-100 000 ukusiza ezibhedlela ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi. 

AmaSanitizer ethu awu-500ml sizowasabalalisa kuzo zonke izibhedlela zikahulumeni kuleli. Sekuphela iminyaka engaphezulu kuka-125 sikuleli bhizinisi. Nathi sithi asibuyisele emphakathini ukusiza”.

AbakwaCastle Lager banemidlalo yeCastle Lager 5 aside obekufanele ibe maphakathi nonyaka. Le midlalo isihlehlile ngenxa yokuhlasela kweCovi-d-19. Lo mqhudelwano udlalwa emazweni ahlukene ase-Afrika, okuyiNingizimu Afrika, iZambia, iNigeria namanye.

UCroeser uthe ngeke akwazi ukuqagula ukuthi le midlalo izokuba nini. Uthi kuzokuya ngokuthi liyatholakala yini ikha-mbi le-coronavirus bese bekhi-pha usuku abazosingatha ngalo lo mqhudelwano. Uphethe ngokunxenxa umphakathi ukuba ulandela imiyalelo kaMengameli wezwe.

Previous articleizoqhubeka ngaphandle kwezihibe imidlalo emibili yesibhakela
Next articleUKent nohlelo lokujimisa abantu abazivalele emakhaya