UMLANDO: MENZI JELE
ABANTU bakwaNtuli babuye baziwe ngokuthi ngabasemaBheleni. Bakhulu laba bantu ngemisebenzi, futhi bavame ukuba sezikhundleni eziphezulu nezimqoka ezweni. Isakhamuzi sokuqala KwaZulu-Natal, ngundunankulu uMnu Thamsanqa Arthur Ntuli, usotswebhu omkhulu kuhulumeni kaZwelonke, nguMnu Mdumseni Ntuli, iPhini likaSihlalo we-ANC eThekwini Region – osesigungwini esikhulu sikaMasipala weTheku – nguMnu Thembo Ntuli, uMnu uBheki Ntuli (ongasekho) obengungqongqoshe wezokuthutha nokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal, uSolwazi uPitika Ntuli oke waba yiphini lomphathi we-University of KwaZulu-Natal, uNkz Lynette Ntuli ohlonishwayo emkhakheni wamabhizinisi, iMenenja yeTheku uMnu Bongumusa Mbhele, uQunta Mbhele (ongasekho) wodumo lweqembu lomculo iStax owayeyisifundiswa esineBA degree emculweni ayithola e-University of Zululand, Mbali Ntuli owake waba ngumholi wentsha yeDemocratic Alliance KwaZulu-Natal noBongi Ntuli (ongasekho) owayeqhulula amagoli engumgadli wamaZulu FC.
UMNU Thami Ntuli ongundunankulu waKwaZulu-Natal.
AMABHELE UZALO LUKAQUNTA
UMfu u-AT Bryant, owayengusomlando, ubhale incwadi ethi: “Oldern times in Zululand and Natal”. Lapha usilandisa ngokufuduka kwezizwe zabaNsundu, zibheke eningizimu ye-Afrika, zisuka eNkabazwe, eGreat Lakes of Tanganyika, (emachibini ezindlovu).
Uthi amaBhele ngokwesigaba sabaNguni, angabaMbo, njengoba izizwe zabeNguni ngesikhathi zifuduka zazihamba ngokwezigaba. AmaBhele ayefuduka nama-Ngwane (abakwaDlamini), amaHlubi (abakwaHadebe), amaZizi (abakwaMiya), abaseMbo (abakwaMkhize), (amaDima) abakwaShange, abaKwaNdwandwe naba-nye baseMbo.
Bafika eSwazini bedlulela ezintabeni zoBombo, bawela umfula uPhongolo, behamba bewumshungu ngeminyaka yo-1600. AmaBhele afike aphumula okhalweni laKwaMthashana (eVryheid njengamanje), adlula awela umfula uMzinyathi. AmaHlubi wona abheka ngaseNewcastle, amaZizi nawo awela uMzinyathi, aphikelela ezintabeni zoKhahlamba, eBergville. Kuzona zonke lezi zindawo amaBhele ayeholwa nguQunta, okunguyena othathwa njengenzalabantu yabasemaBheleni.
AMABHELE ENTABENI ILENGE
AmaBhele ahambe njalo aze ayozinza eLenge, okuyintaba enkulu ephakathi kwemifula, uMnambithi (Klipriver) neNdaka. Intaba iLenge inemigede namahlathi, iyesabeka. AmaBhele lapha ayelima ummbila, amadumbe nezindlubu, ezingela izindlovu. Ayephila ngenyama yezindlovu, kwathi izindlovu sezibalekile eLenge, abulawa yindlala amaBhele, aqala adla abantu. Lesi sizwe sasesatshwa, sibizwa ngamazimuzimu ngoba uma silwe nabantu sabehlula, sasibabulala labo bantu, baphekwe, badliwe.
INkosi yamaBhele eLenge ngaleso sikhathi kwakunguMahlaphahlapha, engayithandi le nto eyayenziwa ngabantu bakhe, yokudla abantu. AmaBhele ayetholakala ukuthi ayaqhubeka nomkhuba wokudla abantu, ayedingiswa endaweni, yingakho asakazeka agcwala izwe lonke nje. Lapha emaBheleni, eLenge, kwakukhona indoda eyayihlonishwa futhi iqotho, kuthiwa nguSompisi.
INTABA iLenge okwakuzinze kuyona amaBhele.
USompisi naye wayengahambisani nesenzo sobuzimuzimu. Wahamba wayokhonza KwaZulu, phesheya koMfula uThukela. USompisi wayeyintanga kaJama, kodwa wafika KwaZulu, iNkosi uJama isikhotheme, wakhonza endodaneni yayo, uSenzangakhona, eyayiphethe KwaZulu ngaleso sikhathi. INkosi uSenzangakhona yayaziwa ngokuthi inempatho, futhi iyawathanda amaqhawe nabantu abakhaliphile. USompisi wabekwa yiNkosi uSenzangakhona, eMacala, eNka-ndla, phesheya koThukela ukuba akhe khona.
USOMPISI UQALA ISIZWE SAKWANTULI
Esenikiwe indawo eNkandla uSompisi, wabuyela eLenge wayolanda umndeni wakhe nemfuyo yakhe. Kwathi uma amaBhele ezwa ukuthi uSompisi usethole indawo KwaZulu, asuka ngobuningi bawo amlandela ngoba ethi nawo akhathele ngamazimuzimu. Ngesikhathi uSompisi efika KwaZulu, wayeqhuba umhlambi wezinkomo, ehamba nabesifazane, izingane namanye amadoda akwabo. INkosi uSenzangakhona yabona ngefu lamaBhele liqhamuka, kushunqa izintuli ngoba ayeqhuba inqwaba yemfuyo, egijima.
USOLWAZI Pitika Ntuli.
INkosi uSenzangakhona yathi: “Kanti uSompisi lona unguntuli zankomo. Nangu efika nezinkomo nezintuli.”. Kusukela lapho abantu abafika noSompisi bazibiza ngokuthi ngabakwaNtuli, bezehlukanisa kula maBhele asala eLenge, ayeqhubeka nobuzimuzimu.
Phakathi kwezingane uSompisi ayefike nazo eMacala, kwakukhona uNdlela nendodakazi uBhibhi, eyagcina igane uSenzangakhona. UBhibhi neNkosi uSenzangakhona bazala uSigujana, owabulawa nguShaka eyothatha ubukhosi KwaZulu ngoba kunguyena owayesekhonjwe njengendlalifa. INkosi uSenzangakhona yakhulela KwaNobamba, emzini kayise, yakha eyayo imizi, owaKwaZondela nowasesiKlebheni.
Isenzo samaBhele sokudla abantu eLenge, saqhubeka kwaze kwabusa iLembe, ngoba yilona elakhipha uMaphitha wakwaSithole ukuthi makayokwakha phansi kwentaba uMhlumayo, agade abantu bangadliwa ngamazimuzimu.
UNDLELA KASOMPISI INSIKA YOMBUSO WAKWAZULU
UNdlela kaSompisi wabuthwa yiNkosi uSenzangakhona waba yiNtontela, ibutho lakhe. Esedlulile uyise emhlabeni, nguyena owahola umndeni nesizwe. Wayehlabana ezimpini ngoba nangesikhathi abaKwaZulu behlasela iNkosi uPhungashe wakwaButhelezi, uNdlela wayekhona kuleyo mpi. Ekukhothameni kweLembe, kwabusa iSilo uDingane, esaqoka uNdlela ukuba ngundunankulu kaZulu, uNzobo kaSobadla Ntombela waba ngumdidiyeli wamabutho.
UMNU Mdumiseni Ntuli ongusotswebhu wephalamende.
ISilo uDingane sasinenhliziyo embi, singamfuni nakumbona uMntwana uMpande, sifuna wonke amacebo okumbulala. Sazama ukumyenga, samxoshisa ngezinkomo. UNdlela wathumela isigijimi kuMpande ukuba siyomtshela angayi ukuyobonga lezo zinkomo ngoba uDingane wayehlose ukumbulala. Nguyena oweluleka uMpande ukuba awele uThukela, abalekele kwabamhlophe. Abanumzane bezwe base bemhlamukile uDingane ngoba wayengazali, kunguMpande owayezala, enezingane eziningi. AmaBhunu ahlomisa impi esiza uMpande ukuthi ahlasele iSilo uDingane.
UBONGI Ntuli (ongasekho) owayehlohla amagoli esagijima kumaZulu FC.
Leyo mpi yalwa eMaqongqo (KwaHlathikhulu – eKwaliweni) kwesakwaNyawo ngo-1840. UNdlela wayibamba ngamabomu impi kaDingane ayeyiphaka, enzela ukuthi ekaMpande iwine. Wagcina ngokwehlulwa uDingane, uMpande waba yiSilo sikaZulu. ISilo uDingane sakhipha umyalelo wokuthi makabulawe uNdlela ngemuva kokwehlulwa kwakhe.
UMnu Bonginkosi Ntuli, ngomunye wosomlando basemaBheleni abahlonishwayo, useSikhaleni, eMpangeni. USolwazi uThemba “CT” Msimang, ezincwadini zakhe unawo umlando wamaBhele.
NAZI IZIBONGO EZIPHUMA EMABHELENI
KUSUKELA kwesokunxele nguQunta Mbhele wodumo lweqembu lomculo iStax, nguMbali Ntuli noMnu Musa Mbhele.
Bhikana (Eastern Cape), Dlalisa (Eastern Cape), Dongo (Eastern Cape), Khuboni (KZN), Lushaba (KZN), Mabala (EC), Mabiya (EC), Mabandla (EC), Sindane (Mpuma-langa), Ntshentshe (EC), Ntuli (KZN), Nyathi (KZN naseMpumalanga), Zikabane (EC). Ilokishi laseWitbank (eMalahleni) eMpumalanga, kuKwaGuqa, liqanjwe ngenkosi endala yasemaBheleni eyatshalwa khona.
Ngokuzayo, sizobheka futhi iqhaza lamadodana kaNdlela ebukhosini baKwaZulu, uGodide kaNdlela, uMavumengwana kaNdlela, uZinti kaNdlela nendlu kaMkhonto lena eKwaMaphumulo.
* LOLU lwazi lucashunwe ezindaweni ezahlukene okubalwa izincwadi ekaMfundisi AT Bryant, owayenguSomlando, ethi: “Oldern times in Zululand and Natal”, ezinye zikaSolwazi uCT Msimang noMnu Bonginkosi Ntuli, ongomunye woSomlando basemaBheleni abahlonishwayo.