
KWETHULWE isakhiwo esizosiza ukufundisa izingane ngokuqikelela ukuphepha emigwaqweni ukuzama, ukwehlisa izinga lokulimala kwazo.
AbakwaRoad Accident Fund (RAF) ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene, bathule lesi sakhiwo esaziwa ngeJunior Traffic Training Centre eNtuthukweni Primary School, eLamontville, eThekwini. Kuhloswe ngaso ukwelekelela ukwehlisa izigameko zokulimala kwezingane, okuvele ukuthi kudla lubi ezindaweni ezahlukeke.
Kulolu hlelo, izingane zizofundiswa ngemithetho yomgwaqo ngemidwebo edwetshwe emagcekeni esikole, efana ncamashi nemigwawo ehamba izimoto.
UMnu Mlungisi Gumbi, oyiSenior Mananger yakwaRoad Safety, uveze ukuthi banezinhlelo ezahlukene zokuqwashisa ngokuphepha emigwaqweni kanti bayale besebenzisane nemiphakathi nezikole.
Uthi ucwaningo luveza ukuthi zibalelwa ku-827 izingane ezineminyaka ephakathi kwemine newu-14 ezishone emigwaqweni phakathi kuka-2018 kuya ku-2022. Uthi u-66% wazo bezihamba ngezinyawo, kanti u-33% yilezi ebezigibele izimoto.
“Uma ubheka lolu hlelo, ngeke kuhlomule nje kuphela izingane zaseNtuthukweni Primary kodwa nezikole ezingomakhelwane nazo zizokwazi ukusizakala. Uma izingane zifundiswa, abanye baba ngabantu abahamba ngezinyawo bese kuthi abanye babe ngabashayeli.
“Lokhu kusiza ekutheni izingane kungene emiqondweni yazo ukuphepha ngoba zisuke zifundiswa ngento eziyibonayo, futhi ezohlala esikoleni, zidlale kuyona. Lokhu kungeminye yemizamo yokulwisana nezingozi ikakhulukazi ezinganeni,” kusho yena.
UNkk Topsy Ntelele onguthishanhloko wakulesi sikole, uthe bajabule kakhulu ngokwenziwe ngabakwaRAF ngoba kuzokwenza omkhulu umehluko.
“Yize zingakaze zibe khona izigameko lapho kulimala khona ingane selokhu ngifikile kulesi sikole, kodwa indawo esakhiwe kuyona iseduzane nomgwaqo ophithizela ngendlela eyisimanga. Kunamatekisi ahamba kuwona kanye namabhasi, okusho ukuthi izingane kumele nsuku zonke zifunde ukuwela umgwaqo ngendlela ephephile. Njengoba sesinohlelo olunjena, sizohlala phansi sakhe i-time table ukuze nezinye izikole izokwazi ukuletha izingane, ngaphandle kokuphazamiseka kwezifundo,” kusho yena.







