UMotsepe uthi ayiphenywe eyokuthukwa kukaMosimane ngabalandeli beDowns
ngoMgqibelo eLucas Moripe. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
SENZO SOKHELA
UHLENGEZELE izinye-mbezi uPitso “Jingles” Mosimane ololonga i-Al Ahly yase-Egypt ejikelwa ngabala-ndeli beMamelodi Sundowns abajabulise iminyaka bemthuka ngonina.
IDowns iwashiswe ijezi yi-Al Ahly zibambana ngo-1-1 emle-nzeni wesibili we-quarter final yeCaf Champions League ngo-Mgqibelo ntambama eLucas Moripe Stadium, e-Atteridge-ville.
Igoli leRed Devils livalelwe enethini nguYasser Ibrahim El Hanafi, kwathi eleDowns lona lashaywa nguMusa Lebusa. Kube ngu-3-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze kwabe seku-dlula i-Al Ahly.
Injabulo kaMosimane ijike yamuncu njengoba eveze ukuthi ngaphambi kokuba kuqale lo mdlalo abalandeli beDowns abebenkanise ngaphandle kwenkundla bamthuke ngonina.
Izithombe nama-video asaba-lele ezinkundleni zokuxhuma-na lapho kubonakala ibhasi le-Al Ahly liyongena enku-ndleni abalandeli beDowns bephethe izingqwembe ebezi-nemibhalo ethuka uMosimane.
Babonakala bezama ukuvi-mba ibhasi bese uMosimane ezakwala etshela umshayeli ukuthi akangami akaqhubeke.
UMosimane ucwebe izinye-mbezi echaza ngalesi sigameko esishiye abathandi bebhola bebambe ongenzansi kwazise uMosimane unqobe inqwaba yezicoco neDowns.
“Ngikhumbula ngiqala uku-za kule nkundla ngingumqeqe-shi weSundowns sizodlala ne-SuperSport United.
“Benginomuzwa obuhlungu ngoba ngichithe iminyaka engu-7 kwiSuperSport kodwa abalandeli bayo bangiphathe kahle ngoba bebesiqonda isi-mo.
“Kungihlukumezile emoyeni uma ngibona abalandeli be-Sundowns bephethe izingqwe-mbe, bemisa ibhasi bengithuka baze bathuka nomama imbala.
“Ngizibuze ukuthi kanti yini enye obekufanele ngiyenze ukuze ngithole ukuhlonipheka. Kodwa kulungile ngiyasiqonda isimo futhi ngiyamazi ubho-ngoza wayo yonke le nto, ngiya-mazi oyisusile.
“Umuncu ngoba ngihambile bekufanele ngiqhubeke nempi-lo kodwa angifuni ukwanda ka-khulu ngalento.
“Izinto ebengizithola nga-phambi kwalo mdlalo uma ngingaveza umakhalekhukhwini wami imiyalezo ebengiyithola, abantu abafuni ukukwamu-kela isimo,’’ kusho uMosimane izinyembezi zigcwele amehlo.
Leli phephandaba lithole ukuthi uMengameli weCaf, uPatrice Motsepe obenguMengameli wayo iDowns ufuna luphenywe lolu daba.
Kuthiwa asehlanga kahle ku-yena isenzo sabalandeli beDo-wns usifanise nehlazo.
‘’UMotsepe udinwe uyaqhuma yilesi senzo ngoba usibona sehlisa isithunzi sebhola lase-Afrika.
“Usekhiphe umyalelo wokuba luphenywe lolu daba bese abathintekayo bajeziswe,’’ kusho lo mthombo.
Imizamo yokuthola uMotse-pe iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.
ISundowns ithumele isitatimende izolo ngeSonto ntamba-ma yathi iphoxekile ngalesi se-nzo yabe isixolisa kwi-Al Ahly nakubona bonke abathintekayo ngokwenzekile.
Ibe isikuqinisekisa ukuthi izokwenza uphenyo ngalesi si-gameko yathi abalandeli abathintekayo bazojeziswa kanzima.
ISafa ikhiphe esayo isitatimende yathi laba abahlukumeze uMosimane izokwenza isiqiniseko sokuthi bajeza ka-nzima.