Wenze isethembiso umqeqeshi woSuthu

788

Uchitha eyokuyamaniswa nowokuqeqesha iBafana

SENZO SOKHELA 

UBENNI McCarthy ejabula nethimba loSuthu emuva kokunqoba umdlalo weTTM. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI wamaZulu FC wenze isethembiso kubadlali bale kilabhu esibenze baqina idolo. 

USuthu luzogadulisana neSte-llenbosch koweDStv Premiership kusasa ngoLwesihlanu ngo-17h00 eDanie Craven Stadium, eKapa. 

USuthu luya kulo mdlalo nje, lushaya kwasani oluphambi kwa-lo. 

Nokho kunemibiko okusolakala ukuthi ingase iphazamise umgqi-gqo woSuthu njengoba umqeqeshi walo uBenni McCarthy eyama-niswa nomsebenzi wokulolonga iBafana Bafana njengoba kuxo-shwe uMolefi Ntseki. 

UMakhehleni “Zambrotta” Makhaula odlala esiswini oSuthwini uthi abanalo noluncane uvalo ngodaba lukaBenni neBafana Bafana njengoba lo mqeqeshi wenze isethembiso kubona. 

“Ubudlelwano esesibenze no-mqeqeshi buqine ngendlela eyisimanga, yingakho ikilabhu inqoba imidlalo ngalolu hlobo. 

“Eyokuyamaniswa neBafana Bafana kayisithusi nakancane ngoba ukubeke kwacaca kithina ukuthi akayi ndawo futhi akakazimiseli ukuyoqala impilo entsha kwenye indawo. 

“Ukubeke kwacaca ukuthi kuni-ngi asafuna ukukuzuza nekilabhu ngakho-ke ngeke ayishiye kanje aye lapho engazi khona ukuthi ku-zofika kwenzakaleni,’’ kusho uMa-khaula obezwakala ukuthi ukhulu-lekile. 

Uthi banovalo ngomdlalo we-Stellies kodwa bazokwenza ngawo wonke amandla ukuthi bayawu-nqoba. 

‘’Lo mdlalo ngeke ube lula, sibabonile bedlala neChiefs ngoLwesibili bayingozi uma behlasela, kuzofanele sibagade. 

“Okuzobakhuthaza kulo mdlalo wukuthi basekhaya. Kodwa-ke nathi imimoya iphezulu, sizoya kulo mdlalo sihlome ngazo zonke izikhali esinazo,’’ kushom uMakhaula. 

Imidlalo yeDStv Premiership isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje: 

NGOLWESIHLANU 

EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs AmaZulu 17h00. 

NGOMGQIBELO 

ECape Town Stadium: CT City vs SuperSport United 15h00. 

E-Emirates Airline Park: TS Galaxy vs Tshakhuma 17h00. 

NGESONTO 

ESugar Ray Xulu Stadium: Golden Arrows vs Bloemfontein Celtic 15h00. 

EVolkswagen Dobsonville Stadium: Swallows vs Black Leopards 17h00. 

* Isiyonke imidlalo ye-English Premiership kule mpelasonto ihle-lwe kanje:

KUSASA NGOLWESIHLANU

Fulham vs Wolverhampton Wanderers 21h00.

NGOMGQIBELO

Manchester City vs Leeds United 13h30.

Liverpool vs Aston Villa 16h00.

Crystal Palace vs Chelsea 18h30.

NGESONTO

Burnley vs Newcastle United 13h00.

West Ham United vs Leicester City 15h05.

Tottenham Hotspur vs Manchester United 17h30.

Sheffield United vs Arsenal 20h00.

NGOMSOMBULUKO

West Bromwich Albion vs Southampton 19h00.

Brighton & Hove Albion vs Everton 21h15.

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje:

KUSASA NGOLWESIHLANU

Huesca vs Elche 21h00.

NGOMGQIBELO

Getafe vs Codiz 14h00.

Athletic Club vs Deportivo Alvares 16h15.

Eibar vs Levante 18h30.

Real Madrid vs Barcelona 21h00.

NGESONTO

Villarreal vs Osasuna 14h00.

Valencia vs Real Sociedad 16h15.

Real Valladolid vs Granada 18h30.

Real Betis vs Atletico Madrid 21h00.

NGOMSOMBULUKO

Celta de Vigo vs Sevilla 21h00.

EyeSerie A yase-Italy ihlelwe kanje:

NGOMGQIBELO

Spezia vs Crotone 15h00.

Parma vs Milan 18h00.

Udinese vs Torino 20h45.

NGESONTO

Internazionale vs Cagliari 12h30.

Hellas Verona vs Lazio 15h00.

Sampdoria vs Napoli 15h00.

Juventus vs Genoa 15h00.

Roma vs Bologna 18h00.

Fiorentina vs Atalanta 20h45.

NGOMSOMBULUKO

Benevento vs Sassuolo 20h45.

Previous articleUbalisa ngamaphutha uHunt
Next articleUfuna u-R65 million umndeni womfundi owakhutshazwa uthisha