Abalimi ekhaleni lokusiza abakhahlanyezwe yi-covid-19

629

THANDEKA NGOBESE

UKUDLA okunikelelwe abantu baseXopo ngabalimi basendaweni.
IZITHOMBE NGU: LIANNE ASHTON

ABALIMI abakhele indawo yase-Xopo nezinye izindawo eziseningizimu yeKwaZulu-Natal benze okungajwayelekile benikela izindodla zokudla kubantu abaphila ngokuzizamela kodwa manje abangakwazi kwenza lutho ngenxa yokuvalwa kwezwe.

Laba balimi, iningi labo elingaphansi kweHarry Gwala Agri, banikelele imindeni ewu-200 edonsa kanzima ngokudla. 

Kule mindeni kubalwa ewu-40 yasoFafa, eMazabekweni eyasemijondolo yaseHighflats ewu-40, iXopo Central (40), iHopewell ewu-20, eMzimkhulu ewu-20 bese okunye benikela ngakho kwiXopo Disaster Management ngenhloso yokuthi ihlonze eminye imindeni ewu-40 ezosizakala. 

Umndeni ngamunye uthola umtsholwane wamazambane, u-2kg wolamula, u-10kg wempuphu, u-5kg we-soya mince, i-butternut, ifutho lommbila, nezithombo zemifino.

UMnu Dylan Weyer, weHarry Gwala Agri, okuyinhlangano engayenzi inzuzo, uthi abanikelile bebeqhamuka ezindaweni ezehlukene. 

Uthi i-Ixopo Agricultural Trust inikele ngo-R30 000, uCraig noSue MacFarlane bakhipha imitsholwane ewu-200 yamazambane, abeCarisbrooke Valley Citrus Farmers banikela ngolamula owu-400kg, uMike noKim Woodburn banikela nge-butternut. 

U-Jonathan Biggs ukhiphe ummbila oyifutho kwathi iSutherland Seedlings yanikela ngamaphasela ezithombo zemifino umuzi nomuzi.

Laba balimi abangaphansi kweHarry Gwala kabaqali ukwelula isandla basize abaswele njengoba benenhlangano engayenzi inzuzo iHarry Gwala Agri lapho befukula khona abantu abamnyama abanentshisekelo yokuba ngabalimi abakhulu ngomuso. 

Babasiza ngokubahlomisa ngo-lwazi, babanike nezinsizakusebenza, babacathulise baze bafike
esigabeni sokukwazi ukuzimela.

Abanye abalimi asebesiziwe ngaphansi kweHarry Gwala Agric, nguMnu Dakhi Ngcobo osenepulazi lezinkomo zobisi ezingaphezulu kuka-200 noMnu Gedla Mngoma onodedangendlale wepulazi atshale kulona amaklabishi ngosizo lwalaba balimi.

Ngalolu hlelo kuphinde kusizwe nabafundi abenza izifundo ze-Farming Management eSayidi Tvet College naseMzimkhulu Tvet ngokubatholela ama-in-service training emapulazini abalimi
abangaphansi kweHarry Gwala Farmers Agri. 

Abanye balaba bafundi bagcina sebethole imisebenzi ngokugcwele kulawo mapulazi abasuke bafakwe kuwona.

UMnu Njabulo Makhathini osebenzela e-Eastwolds Farm, ungomunye wabahlomula kulolu hlelo. 

UMnu Bhekizenzo Gwala okulo leli pulazi, useyimenenja yaseDairy ngokusizwa ngumqashi wakhe, uMnu Robert Stapylton-Smith, omfundise umsebenzi wamsiza nangoqeqesho emakolishi afundisa ezolimo. 

thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articlei-ukzn nesikhwama sokusiza abakhahlanyezwa yi-covid-19
Next articleKuzohlahlwa indlela ngekusasa lezemfundo