Kuthiwa kume yonke into abeDurban Gen naboZalo befuna ukuholelwa
LUCKY CAIN
KUME ukuqopha emidlalweni emibili emikhulu kamabonakude, eshuthelwa KwaZulu-Natal, Uzalo olukhonjiswa kwiSABC 1 ngo-20h30 ngo-Msombuluko kuya kuLwesihlanu, neDurban Gen ekhonjiswa ngo-18h30 kwi-e.tv ngezinsuku ezifanayo ngenxa yokungaholi kwabalingisi nezisebenzi zale midlalo eqoshwa yiStained Glass Productions.
ILANGA lihabule ukuthi bekulindeleke ukuba abalingisi bahole mhla ka-25 kwephezulu, kodwa kwangenzeka. Lokhu kuholele ekutheni izolo ngoLwesithathu babeke phansi amathuluzi, bekhala ngendlala nangokuba nezikweletu okumele bazikhokhele.
Kwenzeka lokhu nje, izisebenzi zoZalo sekuvele kaningi emithonjeni yabezindaba ukuthi zikhala ngendlala njengoba selokhu zagcina ukuhola ekupheleni kukaMfumfu (October) nyakenye.
Umthombo weLANGA uthi ngemuva kokubona kucweba iziziba ngomholo, abalingisi bakhethe ukuthi bangaqhubeki nokuqopha.
“Simise yonke into ngoba sifuna incazelo ukuthi kwenzakalani. Okubuhlungu wukuthi sihlale izinyanga ezimbili ezigcwele singaholi, kanti nemicimbi esike senze ngayo imali eceleni kayikho ngenxa yeCovid-19. Manje bathi siphila ngani sonke lesi sikhathi?” kusho umthombo.
Omunye umlingisi ocele ukungadalulwa, ukuqinisekisile ukuthi kabaholile futhi banomhlangano ukuze baxoxe nabaphathi benkampani ebaqashile. Uthe okwamanje ngeke akhulume okuningi ngoba izingxoxo nabaphathi zisaqhubeka, kodwa ukubeke kwacaca ukuthi kabazimisele ukuqhubeka nokuqopha kuze kube bayahola ngoba bangene kwezinkulu izikweletu kulezi zinyanga bengasebenzi.
Okhulumela iStained Glass, uNkz Nomfundo Zondi, uthe kubenokungaqondi phakathi kwabalingisi nabo njengoba isivumelwano abanaso sithi bahola ngaphambi komhla ka-30, okuwukuphela kwenyanga.
“Obekwenzeka phambilini wukuthi bebeke bahole mhla ka-26 no-27, kodwa okungasho ukuthi sekuyizona zinsuku zabo zokuhola. Kulokhu kube nobuhixihixi obuncane nje kodwa lizoshona elanamhlanje (izolo ngoLwesithathu) nakusasa (namhlanje ngoLwesine) sebeholile bonke abantu,” kusho uNkz Zondi.
Ukuphikile ukuthi kumile ukuqoshwa, kodwa uthi kubenomhlangano lapho abalingisi nezisebenzi bebefuna ukuqonda ngokwenzekile ngemiholo yabo.
Uthe njengoba inyanga ingakapheli, akukho okumele kubakhathaze ngoba isivumelwano sisamile ekutheni kuholwa ekupheleni kwenyanga. Mayelana nabalingisi abebekhala ngokuthi selokhu bagcina ukuhola ezinyangeni ezimbili ezedlule, uthe lokhu kudalwe wukuthi bekusamile ukuqopha, kungasetshenzwa